OWAYEYIMENENJA kaMasipala waseRichmond, uMnuz Sibusiso Sithole, owabulawa ngo-2017
Image: Sigciniwe
BAFUNA ikhiphe ongqondongqondo inkabi elahlwe yicala lokusoconga owayeyimenenja kaMasipala waseRichmond, uMnuz Sibusiso Sithole.
USithole wabulawa ngo-2017, kwagcina ngokuthi kuboshwe inkabi eyamsoconga, uSabelo Phewa.
NgoLwesibili uPhewa ulahlwe yicala lokusoconga uSithole eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
UPhewa uzogwetshwa ngoJulayi 31 eNkantolo eNkulu eThekwini.
Ababesondelene noSithole bathe bafuna ukuthi uPhewa akhiphe abantu ababemthumile.
UPhewa ulahlwe amacala amabili okubulala.
Phezu kwecala lokubulala uPhewa uphinde walahlwa nayicala lokubulala owayengumsebenzi kaMasipala waseThekwini ophikweni lwezamanzi, uMnuz Amos Ngcobo.
UPhewa wayamaniswa naleli cala emva kokuba isibhamu abanjwa naso kwatholakala ukuthi yiso esadubula uNgcobo.
Uphinde walahlwa yicala lokuzama ukubulala iphoyisa elalimbopha kanye nelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
USithole wabulawa emini kabha, phakathi edolobheni eRichmond.
Wadutshulwa esesikhungweni somkhandlu esihlolela ukushayela, wayesendleleni eya emhlangwaneni womkhandlu.
Ngesikhathi esocongwa kuthiwa wayephenya izinsolo zenkohlakalo emkhandlwini.
Ukusocongwa kukaSithole kwazamazamisa iRichmond kanye neKwaZulu-Natal yonkana.
Kushayelwe ihlombe ukulahlwa ngecala kukaPhewa.
IMeya kaMasipala waseRichmond, uMnuz Melikhaya Ngcobo, ithe bafuna ukuthi uPhewa agonyuluke ngetulo lokusoconga uSithole.
"Sinethemba lokuthi usazokhuluma konke ngetulo lokusoconga uSithole. Ukushona kukaSithole kwathusa abantu abaningi balapha eRichmond ababemthanda. Umndeni kaSithole kanye nabantu baseRichmond sebelinde isikhathi eside befuna ukuzwa iqiniso.
"Leli cala lisifundise ukubekezela njengoba kuthathe isikhathi eside ukuthi sifike kulesi sigaba esikusona namhlanje. Leli cala lisifundisa ukuthi ekugcineni ubulungiswa buyenzeka noma kungathatha isikhathi eside kangakanani. Sithanda ukubonga amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla."
UNgcobo uthe bafuna ukuthi uPhewa anikezwe isigwebo esiqinile.
"Sinethemba lokuthi isigwebo azosithola sizokhombisa ubucayi becala alenzile. Wasiphuca umholi owayethandwa abantu. Salahlekelwa wumholi owayebeke eqhulwini ukuthuthukisa abantu. Isigwebo kufanele sithumele umyalezo oqinile kulabo abasoconga abaholi abasebenza ngobuqotho. Into leli cala elizohlezi lisikhumbuza yona wukuthi abaholi abaqotho banikela ngempilo yabo belwela umphakathi."
NgoJulayi 31 uPhewa uzokwenza izethulo zokuthi kungani inkantolo kufanele imnikeze isigwebo esincane ngaphambi kokuthi agwetshwe.
Ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala uPhewa ushintshe abameli kwaze kwaba yizikhawu ezinhlanu, okwenze ukuthi kubambezeleke ukuqulwa kwecala.
Related Topics: