UBUSI Mhlongo uhlonishwe nezingwazi kwiMayibuye i-Afrika eJoburg Theatre, eGoli ngeSonto
Image: SIGCINIWE
INDLOVUKAZI yomculo kamaskandi engasekho, uBusi Mhlongo, ngomunye wezingwazi zakuleli ezihlonishwe kwiMayibuye i-Afrika eJoburg Theatre, eGoli ngeSonto. Bekuphela iminyaka ewu-15 uBusi odabuka eNanda, adlula emhlabeni.
Le nkakha, ehlonishwe ngezingoma zayo nguZoe Madiga, ikhunjulwe noHugh Masekela, Sibongile Khumalo, Miriam Makeba, Dorothy Masuka nabanye. UZoe ucashunwe ethi kuyisibusiso kuye ukushiyelana inkundla nezihlabani ezisezingeni lomhlaba.
"Ngokwemvelo umama u(uBusi) Mhlongo wayecula ngezindaba zethu futhi abuye acule ngoxolo." Abanye abaculi ebebesina bededelana bekhumbuza izithameli ngamaqhawe namaqhawekazi asalala, ngoJudith Sephuma, Maleh noBerita.
UMaleh ucule amanoni kaSibongile, uBerita wacula akaMiriam Makeba nakaDorothy kwathi uJudith wahlabelela akaLetta Mbulu osadla anhlamvana. UBusi, owashona eneminyaka ewu-62, ubehlanganisa umculo wombhaqanga, umaskandi, amarabi nesigqi se-Afro jazz. Waqale wazibiza ngoVickie ngeminyaka yo-1960 ngaphambi kokuzibiza ngoBusi Mhlongo.
Ngo-1970 wafudukela eLondon, e-UK lapho afike waqopha khona nezinkakha ze-jazz, oJulian Bahula noDudu Pokwana. Ngo-1980 wagcina esezungeza umhlaba nenkakha yaseMali, uSalif Keita. Ekuqaleni kuka-1990, uBusi wakhipha i-albhamu yakhe esehamba yedwa elithi Barbentu kwathi ngo-1998 wakhipha icwecwe lesibili elamenza wavelela umhlaba wonke elithi Urban Zulu.
Uyena owavumbulula ikhono leShana, eyayihlanganise uBlack Coffee, Shoba noDemor. Ugqozi emculweni wakhe walufakwa wuMntwana uPrincess Magogo, ongunina woMntwana waKwaPhindangene. Wayeshade nomshayi wama-drums, u-Early Mabuza futhi babusiswa ngendodakazi eyodwa, uNompumelelo Elaine Mabuza-Black.
MIRIAM MAKEBA
Image: SIGCINIWE
Sibongile Khumalo
Image: SIGCINIWE
Related Topics: