UFikile Mbalula
Image: Facebook/MyANC
UNGOTI ufanise i-DA nenja engenamazinyo njengoba iphinde yakhetha ukuhlala kuhulumeni wokubambisana yize ithi ayijabule kulo mshado.
Umhlaziyi wezepolitiki waseNyuvesi yaKwaZulu-Natal, uMnuz Zakhele Ndlovu, uthe i-DA iyogcina ngokusonga, ngeke iphume kuhulumeni wokubambisana.
Umholi weDA, uMnuz John Steenhuisen, umemezele ukuthi bazoqhubeka nokuhlala kuhulumeni wokubambisana yize bebona bedelelekile.
I-DA ibinqumele uMengameli Cyril Ramaphosa ugwayi katiki, yamyalela ukuba axoshe bonke ongqongqoshe abalandelwa yiphunga lenkohlakalo.
I-DA ibikhiphe lo myalelo emva kokuba uRamaphosa exoshe ilungu layo, uMnuz Andrew Whitfield, kwesokuba yiphini likangqongqoshe wezoHwebo, iziMboni, nokuNcintisana.
UWhitfield uxoshelwe ukuhambela izwe elingaphandle engagunyaziwe wuRamaphosa.
Uhambele eMelika ngesikhathi uhulumeni wakuleli ubhekene ngeziqu zamehlo nohulumeni wakhona.
NgoMgqibelo, uSteenhuisen umemezele ukuthi bazoyibamba ishisa kuhulumeni wokubambisana.
Isimemezelo usenze emva kokuba uRamaphosa ebatshele kwezikabhoqo ukuthi ngeke atshelwe yibo ukuthi akaxoshe baphi ongqongqoshe kwiKhabhinethi yakhe.
URamaphosa ukhumbuze abaholi beDA ukuthi unegunya lokuqoka nokuxosha ongqongqoshe.
Esikhundleni sokuphuma kuhulumeni wokubambisana, iDA ikhethe ukuhoxa engxoxweni ngesimo sezwe.
Iphinde yasabisa ngokuthi ngeke izeseke izabelomali zeminyango ephethwe ongqongqoshe abalandelwa yiphunga lenkohlakalo kanye nangokufaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaRamaphosa.
UNdlovu uthe:"Bayasaba ukuthi uma bephuma kuhulumeni wokubambisana kuzongena amahlubuka e-ANC. Ukuphuma kwabo kuzovulela umnyango iMK ne-EFF. Bayazi ukuthi uma kungangena labo kuzobhubhudlwa imali. Yingakho nje bezogcina nje ngakho ukusabisa. Kuyoze kufike ukhetho oluzayo belokhu besabisa ngokuphuma kuhulumeni wokubambisana."
UNdlovu uthe iDA ngeke isifake isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaRamaphosa.
"Bancamela yena kubaholi be-ANC, uyena ababona kusebenzeka naye. Uma bemkhipha yena kuzongena bani? UMashatile (iphini likamengameli)? Phela uMashatile uyena oyiphini likaRamaphosa. Le zinto abazishoyo bamane bayazisho nje ngoba bafuna ukuthusa uRamaphosa."
Unobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, uthe abazigqizi qakala izinsongo zeDA.
UMbalula uthe bazoqhubeka nokuphatha ngisho noma iDA ingenzani.
Ukusho lokhu ngesikhathi ethula inkulumo yokuvala ingqungquthela yokukhethwa kobuholi be-ANC esifundeni i-OR Tambo, e-Eastern Cape.
UMbalula uthe bayaseseka isinqumo sikaRamaphosa sokuxosha uWhitfield.
"Umengameli akufanele avumele ukudelelwa wumfana omncane, odelela ngoba nakhu ethembe ukuthi uzokhulunyelwa yiDA. Abahambe uma bethanda, baningi abalinde emnyango abafuna ukungena. Sithe abasheshise balethe igama lomuntu ozovala isikhala soxoshiwe."
Ukhale ngokuthi kuzobashaya ukuzimela kweSACP okhethweni oluzayo lohulumeni basekhaya.
Related Topics: