Izindaba

Anginaso isikhathi sikaZuma, ngizobuye ngimbone:Shivambu

Sabelo Nsele|Published

OBENGUNOBHALA jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, umemezele ithimba elizohola izingxoxo

Image: Timothy Bernard/ Independent Newspapers

ATHUSE abaningi amanye amagama abaholi abathenjwayo kwiMK nakwi-EFF avele ethimbeni elizohola izinhlelo zobengunobhala jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, zokuqala iqembu elisha.

Amalungu eMK ne-EFF athi noma abekulindele ukuthi uShivambu uzotheze emaqenjini awo kodwa abengakulindele ukuthi uzolandelwa nangabaholi abaqavile, abanye babo abebenezikhundla eziphezulu emaqenjini abasuka kuwona.

Ithimba lesikhashana elizohola izingxoxo zokuba kufanele yini uShivambu asungule iqembu elisha limenyezelwe ngoLwesihlanu. Kukhona loyo obengumgcinimafa kwiMK, uMnuz Menzi Magubane, kanye nobesebuholini obuphezulu kwiMK esifundeni uMgungundlovu, uMnuz Mzwandile Goge

Kubaholi abasuka kwi-EFF kubalwa kubo obeyilungu lePhalamende, uMnuz Fana Mokoena, obengusihlalo we-EFF esifundeni uMgungundlovu, uMnuz Mzwakhe Mpulo, naloyo owayengusihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Vusi Khoza.

Ilungu leMK elicele ukuba lingadalulwa, lithe belingalindele ukuba abanye abaholi bajoyine izingxoxo zikaShivambu.

"UMpulo uyikhansela njengamanje, lokho kusho ukuthi uzolahlekelwa ukuba yikhansela. UGoge naye ukhona ebuholini beMK. Ngiyambona uMkhathini (Khoza) ngoba vele ubesehleli ekhaya. Ipolitiki izokumangaza ngempela. Kusho ukuthi abantu sebebheke izikhundla."

Ekhuluma nabezindaba, uShivambu uthe ukujoyina kwabaholi abaningi abasuka kwiMK  kukhombisa ukuthi baningi abangajabule ngokwenzekayo kuleli qembu elisanda kumkhipha esikhundleni.

"Yebo, baningi abantu abasuka kwiMK kuleli thimba lesikhashana esilimemezele namhlanje. Kusho ukuthi abanelisekile ngokwenzeka kuleliya qembu. Abantu babenethemba lokuthi iMK izokuba iqembu elizolwela, livale isikhala se-ANC. Kodwa izinto ezenzeka kwiMK njengamanje zikhombisa ukuthi leli qembu libheke ehlathini. Ngisho nabantu abasele kwiMK abaneme."

UShivambu wakhishwa kwesikanobhala jikelele weMK ngoba nakhu esolwa ngokuthi ufuna ukuketula umholi weqembu, uMnuz Jacob Zuma.

UShivambu uthe sebeqalile ukuzizwa izigi zakhe abeMK.

Uthe uZuma uzame kaningi ukuxhumana naye kusukela amemezela izinhlelo zokuqala iqembu elisha. 

"Ngebhadi ngimatasa kabi kulezi zinsuku, ngizombona uma sengiqede izingxoxo."

UShivambu uthe balindele ukujoyinwa abantu abaqhamuka emaqenjini ahlukene ngokuhamba kwesikhathi.

"Baningi abantu esixoxa nabo njengamanje. Kukhona ngisho abangamakhansela abafuna ukusula ezikhundleni. Abantu bafuna ikhaya elisha. Iqiniso ukuthi abantu abasayethembi i-ANC, MK ne-EFF. Lawo ke amaqembu amakhulu aphethwe abantu abamnyama."

Khonamanjalo: UShivambu uphinde waxolisa kokhulumela iMK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, amsola ngokuba umlutha wotshwala nezidakamiza.

UShivambu uthe ithimba elihola izingxoxo limluleke ngokuthi axolise aphinde ahoxise izinsolo azenza ngoNdhlela.

UNdhlela ofuna ukuba uShivambu amhlawule ngo-R3 million, uthe uzoqhubeka necala, wathi akwanele ukuxolisa kukaShivambu.