UDELI Malinga osenezinyanga eziyisishiyagalolunye engalingisi ndawo emuva kokuqedwa koMkhokha yize eneminyaka ewu-35 kule ndima
Image: SIGCINIWE
YIZE inkakha yomlingisi, uDelisile Malinga, izakhele ugazi ngokulingisa indawo kaThenjiwe MaMzobe Gumede kuMkhokha:The Curse kodwa sekuphele izinyanga eziyisishiyagalolunye ingalingisi ndawo. Nakuba kunjalo, uDelisile oseneminyaka eminingi eyibambile insimbi ishisa kulo mkhakha, uthe akakhathazekile kangako ngoba usekujwayele lokhu.
Ekhuluma kwiYouTube Channel ayiqambe ngegama lakhe ngempelasonto, uDelisile (59) uthe yena ubeqala ngqa ngoMkhokha ukulingisa indawo eqavile, nemdlalisa isikhathi eside kwaze kwaba lo mdlalo ufinyelela emaphethelweni.
"Uma ungathi uyabheka ukuthi ngiqale nini ukulingisa, ngineminyaka engaphezu kuka-35 kule ndima. Bengilokhu ngilingisa impilo yami yonke. Bengilokhu ngisebenza izinsuku ezintathu laphaya. Ngithole ezinhlanu laphaya."
Uthe umsebenzi ake asebenza izinyanga eziyithupha kwakuyiGenerations, nakhona ewumlingisi owayebizwa uma edingeka i-call actor. "Yini i-call actor, umuntu oholelwa ngalezo zinsuku abizwe ngazo ukuzoshutha. Bengilokhu ngiphila njengomlingisi. Niyabona ukuthi kunzima kanjani? Bengiqala ngoMkhokha ukuthola isivumelwano (sesikhathi eside)."
Yize kusemnyama okwamanje kodwa akanalo ukhwantalala ngoba wangena azi kahle ukuthi kulo mkhakha usebenza namhlanje, ungangeni kusasa.
Uthe okumenza akhulume kanje yingoba efuna ukuqwashisa ozakwabo abathe beqala babe bethola umsebenzi isikhathi eside.
"Ngiyajabula uma ngingasebenzi ngoba angikhathazeki futhi angibi nokhwantalala. Uma ngingasebenzi ngithi 'Akunankinga. Oh sekuyiso leso sikhathi, angisebenzi. Angigxile kwezinye izinto. Umsebenzi uzobuya futhi," kuchaza uDeli.
Uke wacela iminikelo ngesikhathi eqokwe kumaLadies In Media Awards eKenya, ngoMashi, wakulo nyaka. Ekhuluma neSolezwe wakubeka kwacaca ukuthi akanamali ngenxa yokuthi wayegcine ukuhola ngo-Okthoba.
Sekungumlando ukuthi uDelisile wagcina eyile kulo mqhudelwano wezindondo ngenxa yokuxhaswa futhi wafike wahlabana ngomklomelo we-African Female Actor of the Year, ngendawo kaThenjiwe MaMzobe Gumede kuMkhokha.
Selokhu uDelisile aqala ukulingisa ngo-1989, usedlale emidlalweni eminingi okubalwa kuyo iGenerations enguSarah futhi enguNtombizodwa kwiRhythm City.
Ngaphandle kwale midlalo, ubuye walingisa kwiNkaba, Isibaya, Greed & Desires, The Queen, Broken Vows, Durban Gen, Gaz'lam, Home Affairs, Imbewu, Jacob's Cross, Jozi Streets, Lingashoni, Mfolozi Street, Redemption, Saints & Sinners, Shaka Ilembe, Skeem Saam nakwi Single Girls.
DELI MALINGA
Image: SIGCINIWE
DELI MALINGA
Image: SIGCINIWE
DELI MALINGA
Image: ESIGCINIWE
Related Topics: