Izindaba

Osaziwayo etendeni elizogqamisa amasiko ase-Afrika

Nokubongwa Phenyane|Published

UT'BO Touch noNkosazana Daughter bakosaziwayo abazobonakala etendeni i-Executive Concerts Marquees ezoba sematendeni azoba senkundleni yamahhashi iGreyville eThekwini

Image: X

UHOPE Mbele, T’bo Touch, Kabza De Small, Nkosazana Daughter, DJ Merlon, Stanky nabanye, bakosaziwayo abazobonakala bejabulisa abantu abazohambela umcimbi iHollywood Durban July, ezoba ngempelasonto ezayo, eGreyville, eThekwini.

Laba bazobe besetendeni elizobe liqala ukubonakala kulo mcimbi i-Executive Concert Marquee.

Nkosazana Daughter

Image: X

Umsunguli waleli tende u-Andile Chili, uveze ukuthi balisungule ngenhloso yokuthi bahlanganise abantu abaqhamuka ndawozonke bezojabulela ubumnandi obuza nalolu hlobo lomcimbi.

“Umcimbi ohamba phambili lona obungazwa abamabhizinisi, abemfashini kuxutshwa nobumnandi, okuyilapho kuhlangana khona yonke inhlobo. Etendeni lethu sizobe sikhombisa ubuhle bemfashini, ubumnandi obehlukene obuthinta umculo kanye nokudla okuphambili, konke lokhu okuzobe kuqhakanjiswa abanamakhono ahlukene,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi u T’bo Touch noHope Mbele, bayakholelwa ekutheni bangabantu abazokwazi ukugqamisa ubuhle bomuntu wase-Afrika nendlela esiphila ngayo.

“Kuleli tende kuzobe kungaphezu nje komcimbi esizobe sikuwona, kodwa sifuna ukubumba  isiko lalo mcimbi njengoba iningi lethu likholelwa ekutheni kulapho kuhlangana khona abantu abahlukene bezobungaza futhi begqamisa ukuthi bangobani bona ngempela,” kuchaza yena.

Uthe izihambeli bazivulele amathuba ahlukene okuthi zizijabulise njengoba benamathikithi abantu abazobe behamba ngabodwana kanye nabahamba ngababili.

Amathikithi abo uveze ukuthi aseyadayisa eTicketPro, wathi bakhethe ukuthi bakhiphe angemaningi ukuze abantu bajabule ngendlela efanele.

Kulo nyaka ingqikithi yalo mhaho ithi “Marvels of Mzansi”, lapho kulindeleke ukuthi intsha edlisa ngemisiko yesintu kube iyona egqamayo njengoba abahleli beHollywood Bets baba nomcimbi wokubungaza abanye abasiki begqephu abazobe bekhombisa ngemisiko yabo ezohambisana nomcimbi.