Izindaba

Imvunge owashiya ezoshushiswa komunye umnyango esevumbuka kowezeMfundo

Mhlengi Shangase and Sabelo Nsele|Published

Kukholakala ukuthi umnyango wezemfundo eKZN oholwa uSipho Hlomuka yiwona ozokwamukela umantunta-nendishi owanyamalala ezoshushiswa komunye umnyango

Image: Independent Newspapers Archives

ZISHAYA amakhala izinyunyana zothisha KwaZulu-Natal, ngesinye sezikhulu esasula sisabhekene nokuqondiswa ubugwegwe eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni okuthiwa "sizovumbuka" eMnyangweni wezeMfundo khola belu eKZN.

Lesi sikhulu esingeke sidalulwe ngoba singatholakalanga ukuze siphawule, kulindeleke ukuthi siqale ukusebenza eMnyangweni wezeMfundo ngenyanga ezayo, kanti kuthiwa sizophatha isikhundla esiphezulu.

Umthombo weSolezwe oseminyangweni yomibili, uveze ukuthi lesi sikhulu nabanye abasebenzi basule ngoJanuwari, kulo nyaka, besalinde uhlelo lokuqondiswa ubugwegwe.

"Uzokhumbula ukuthi kunezikhulu ezamiswa ngoSepthemba, nyakenye, nguMphathiswa uMfu Thulasizwe Buthelezi, ngenxa yokukhwatshaniswa kwemali kubhekwe okhethweni lwangonyaka odlule. Lesi sikhulu sisule ngoJanuwari, kulo nyaka, sahamba singashushiswanga. Manje kuyasixaka ukuthi 'sizoqashwa' eMnyangweni wezeMfundo obhekene nenkinga yezezimali ekubeni sahamba ngenxa yokukhwabanisa imali," kusho umthombo.

UMengameli weNatu, uMnuz Sifiso Malinga, uthe kungaba yishwa uma lesi sikhulu singavumbuka eMnyangweni wezeMfundo. Uthe bekufanele sihlanze igama laso ngaphambi kokuthi siqashwe omunye wumnyango.

"Uma umuntu ebhekene nezinsolo, kufanele athathelwe izinyathelo. Akufanele umuntu obhekene nezinsolo zenkohlakalo abalekiselwe komunye umnyango. Sizokuba nenkinga enkulu uma kuzothathwa umuntu ngapha, agange, bese eyashushumbiswa ayofihlwa kwenye indawo. Ukungathathelwa izinyathelo kwabasolwa enkohlakalweni ikhona okwenza ukuthi inkohlakalo idle lubi eminyangweni kahulumeni."

UMalinga uthe akafunakali umuntu olandelwa yiphunga lenkohlakalo eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal njengoba lo mnyango ubhekene nenkinga yemali.

"Sinezinkinga eziningi lapha eMnyangweni wezeMfundo. Uma singanikezwa umuntu onenkinga kusho ukuthi sisazoqhubeka sibe nenkinga." UMalinga uthe bazofuna umnyango uphumele obala ngezinsolo zokuqashwa kwalesi sikhulu, wathi bazolulandela lolu daba.

UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiya Caluza, uthe bakhathazekile ngale mibiko yokuthi kuzoqashwa umuntu olandelwa yiphunga komunye umnyango, bese evumbuka eMnyangweni wezeMfundo.

Uthe bafuna ukwazi ukuthi ngabe yalandelwa yonke imigomo ngaphambi kokuba aqashwe okubala nokuveza ukuthi lapho esuka khona ukuthi wahamba kanjani.

"Ngoba umuntu osuka komunye umnyango, bekumele abhekwe ukuthi wahamba kanjani la esuka khona. Asimdingi umuntu olandelwa yiphunga lenkohlakalo kwezeMfundo ngoba sinezinkinga eziningi zemali. Sifuna ukwazi kwalaba abenza uhlelo lokumqasha ukuthi ngabe yonke imigudu bayilandela, bambona ukuthi akanukeki yini kwinkohlakalo? Uma naye engavezanga ukuthi wahamba kanjani la esuka khona, kuyosho ukuthi uqambe amanga ngesikhathi efuna umsebenzi ngakho kumele achithwe," usho kanje.

Uthe bazolulandelela lolu daba, ngeke baluyeke kanjalo ngoba luthinta ngqo othisha, abafundi kanjalo nabazali.

Kushaye esokushicilela engaphendulanga imibuzo athunyelelwa yona ngoLwesithathu, futhi wangaluphendula nocingo uMnuz Muzi Mahlambi, okhulumela uMnyango wezeMfundo. Kanjalo nenhloko yalo mnyango, uMnuz Nathi Ngcobo, ayizange iyiphendule imibuzo.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana, uMnuz Senzelwe Mzila, naye akazange ayiphendule imibuzo.