Unobhala jikelele wesibili we-ANC uNomvula Mokonyane
Image: Doctor Ngcobo / Independent Newspapers
I-ANC ifuna owayengumengameli wayo iminyaka eyishumi, uMnuz Jacob Zuma, amukele ukuthi kuphelile obekumhlanganise nale nhlangano.
IPhini likanobhala jikelele kwi-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, lithe sebekhathele wukulokhu bekhuluma indaba kaZuma, yokungafuni ukwamukela ukuxoshwa kwakhe.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo, lapho bekubungazwa iminyaka engu-70 kwasayinwa umqulu okhuluma ngamalungelo abantu, i-Freedom Charter.
UNkk Mokonyane ukhuluma kanje nje uZuma, ongumholi weMK, umangalele i-ANC lapho ephonsela khona inselelo ukuxoshwa kule nhlangano abesebe yilungu layo iminyaka engu-65.
UZuma ufake amaphepha enkantolo lapho efuna khona ukuthi kuchithwe ukuxoshwa kwakhe kwi-ANC.
Waxoshwa kwi-ANC emva kokuba ememezele ukuthi uzovotela iMK okhethweni lukazwelonke lwangonyaka odlule. UNkk Mokonyane uthe sebekhathele wukulokhu bebuzwa ngoZuma.
"Lo muntu akaselona ilungu le-ANC. Iyahlupha indaba yokuthi njalo uma sinemibungazo emikhulu silokhu sibuzwa ngomuntu ongaselona ilungu le-ANC. Kade saphuma kuZuma naye kufanele aqhubeke nempilo."
Uthe bazosiphikisa isicelo sikaZuma.
IMK ithe iyaseseka isinqumo sikaZuma sokuphonsela inselelo ukuxoshwa kwi-ANC.
Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe imigomo yeMK iyawavumela amalungu ukuba abe amalungu amaqembu amabili ngesikhathi esisodwa.
"Sinethemba lokuthi inkantolo izomvumela ukuthi abe yilungu le-ANC khona ezokwazi ukuba yilungu leMK ne-ANC ngesikhathi esisodwa."
UNdhlela uthe uZuma uzokulwela ukuba yilungu le-ANC. Uthe ubuholi be-ANC, obuholwa wuMengameli Cyril Ramaphosa, abunalo ilungelo lokuxosha uZuma.
UZuma unqume ukumangalela i-ANC ngosuku okubungazwa ngalo ukusayinwa kwe-Freedom Charter.
UNkk Mokonyane uthe ukufaka kukaZuma i-ANC enkantolo kukhombisa khona ukuthi kuningi osekwenziwe wuhulumeni ukufeza okuqukethwe kwiFreedom Charter.
"IFreedom Charter ikhuluma ngamalungelo abantu. Yingakho wonke umuntu enelungelo lokuya ezinkantolo. Ukuba elinye izwe lapho kungahlonishwa khona amalungelo abantu ngabe kwenzeka okunye."