UDLUBHEKE ugonyuluke ngokuyeka umculo ngenxa yokubona engaphephile
Image: SIGCINIWE
SESIVIKE izithunzi saze saqoma ukuhoxa emculweni isihlabani sikamaskandi, uBukelani "Dlubheke" Khuzwayo, ngenxa yokubona engaphephile.
Le nsizwa ikhala ngokudeze iyamaniswa nezigameko zokubulawa kwabantu, kokunye ize iboshwe kodwa akukenzeki igcine ibekwe icala.
Ekhuluma kwiClean Governance Podcast, uDlubheke usole abantu bangakubo athi bamqhatha nabaseMsinga naseTembisa. Uthe useke wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngoba esolwa ekubulaweni kwabantu abangaphezu kweshumi.
Echaza uthe udaba luqale ngo-Okthoba 2023, njengoba esefika kulesi sinqumo.
"Sasihleli nje esitolo siziphuzela. Mina ngiwumuntu obuye azishayele otshwaleni. Sasiphuza negenge yakhona endaweni nomzala. Sasila ko-5, siphuza etafuleni lethu. Kwangena ifoni ngabo-6 ntambama."
Uthe kukhona owashaya ucingo wathi akuvalwe esitolo futhi kutshelwe yena noLolo Sibiya ukuba basuke ngoba bazohlaselwa. Uqhube wathi wahamba noSibiya kodwa yena wangaya ekhaya, kwathi uSibiya waya kubo ngoba wayefuna ukuyolala ekhaya.
"Wathi uma engena ebaleni sasuka isidumo. Wathi edutshulwa lapho uSibiya wabaleka wangena endlini. Kwabulawa umkakhe nezingane zakhe ezimbili ngokulamana kwazo."
UDlubheke uthe uSibiya wasinda kuleso sibhicongo. Uthe emuva kwesonto kwathiwa nguye owaletha abantu abavala ngehlahla emndenini kaSibiya.
"Okuyilapho kuqale khona inkinga KwaNgqulu ngoba kwalimala (kwashona) abantu abangu-11. Kulaba bantu abawu-11 ngumzala kuphela engingabalwanga ukuthi ubulawe yimi. Bonke laba bantu, kwakuhlangene amadoda endawo athize, akhanda le nto ukuthi yonke le nto ayifuculelwe kwaKhuzwayo."
Uthe wayekhonjwa ngomunwe ebusweni kuthiwa nguye uDlubheke obulale izingane. "Ngenhlanhla leyo, amaphoyisa azibamba zonke izigebengu ezibulale lezi zingane. Aliveli nangomfantu igama lami kulezi zigebengu. Omunye wazo usegwetshiwe, abanye basahamba icala."
Uthe nakuba kunjalo, kusathiwa nguye owabulala laba bantu kangangoba sekuhlaselwe kubo amahlandla amaningi, kwaze kwadutshulwa noyise futhi kwashiswa imoto. UDlubheke uthe ngolunye usuku wathi evakashele abafowabo eVosloorus, eGauteng, wahlaselwa ngabantu bangakubo angaxabene nabo kodwa wasinda ngokulambisa.
"Babuya sebengibamba ngamaphoyisa khona lapho. Bangigxoba namaphoyisa kwajika ilanga. Amaphoyisa angithathe ngecala lokuthi ngabulala omunye umuntu wakwaNgcobo. Ngathi lo muntu ngangizwana naye kodwa wabulawa ngiseMobeni Heights, eThekwini."
Uthe waboshwa wagqunywa izinyanga ezintathu esitokisini saseBoksburg. Uthe akugcinanga lapho, kodwa kwabuye kwafika amaphoyisa namanye amacala aseTembisa kodwa waboshwa wadedelwa. Yize udlame lwaKwaNgqulu selwakhuzwa kodwa uthe kusalokhu kukhonjwa yena uma kufa umuntu njengababulawe eFaraday.
Uthe usebuye wakhonjwa ekubulaweni kwelungu lePhalamende le-IFP, uMnuz Khethamabala Sithole ehostela eBuyafuthi, eKatlehong, kangangoba amaphoyisa aseke ahlasela epulazini likayise, kanjalo nakubo ngoba emsola ngokuthi ufihle omunye umsolwa.
Uthe nakulesi sigameko ubhecwa ngobende ngoba senzeka yena eyozingela eMpumalanga, futhi kunobufakazi. Babili ababoshwe ngokubulawa kukaSithole ngenyanga edlule.
UDlubheke umculi kamaskandi owaqala ukucula eneminyaka ewu-15 noMgqumeni e-albhamini ethi Siqhathw' eNquthu. Useke wahlabana ngendondo yeBest Male kumaNtshontsho kaMaskandi.
Related Topics: