Izindaba

Baluhleka usulu uphenyo lukandunankulu ngo-R100m wesikhwama sentsha

Sabelo Nsele|Published

Undunankulu uMnuz uThami Ntuli

Image: Independent Newspapers Archives

BABONA uphenyo lukaNdunankulu waKwaZulu-Natal lwezinsolo zokungalandelwa kwemigomo ekukhishweni kuka-R100 million wokuxhasa amabhizinisi aphethwe intsha, kuyimizamo yokuvala imilomo labo abakhalayo. 

Omunye wabafaka isikhalazo ngokukhishwa kwale mali, uluchaze njengenganekwane uphenyo olumenyezelwe uNdunankulu, uMnuz Thami Ntuli.

UNtuli umemezele ukuthi useyalele obambe njengomqondisi-jikelele KwaZulu-Natal, uMnuz Nkosenye Zulu, ukuba aqale uphenyo oluzimele.

Lesi simemezelo usenze ngesikhathi ekhuluma ohlelweni lokuqeqeshwa kwentsha ehlomule kulolu hlelo.

UNtuli uthe uphenyo luzolandelela ukuthi zaqokwa kanjani izinkampani ezihlomule kusukela kwasungulwa lolu hlelo.

"Sifuna ukwazi ukuthi obani abahlomulile nokuthi basondelene nobani. Sifuna ukwazi ukuthi ngabe yalandelwa yonke yini imigomo? Okunye okubalulekile okufanele sikwazi ukuthi ngabe laba abahlomula kwakubafanele yini ukuba bahlomule?"

UNtuli uthe uma umbiko usuphothuliwe, bazonekelwa izwe bonke abahlomulile.

Izinsolo zokungalandelwa kwemigomo ziqale ukuvela emva kokusula isigubhukane kobengumqondisi-jikelele KwaZulu-Natal, uDkt Nonhlanhla Mkhize.

UDkt Mkhize kuthiwa wasula emva kokuba enqabe ukusayina uhlu lwamagama ezinkampani ezazizohlomula.

Kuthiwa wayekhala ngokungalandelwa kwemigomo nokuthi kwaholela ekutheni egcine esehlukunyezwa ngowayengumqondisi wophiko lwezentsha ehhovisi likaNtuli, uMnuz Melusi Ndima.

Omunye wabantu abashaye amakhala ngokuqokwa kwezinkampani, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe akanalo ithemba lokuthi uphenyo lukaNtuli, luzophuma nento ephathekayo.

UMncwango, ongusihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, wabhalela uNtuli emnuxa ukuba amise ukuqokwa kwezinkampani kuze kube kuphenywa izinsolo.

Phakathi kwezinsolo uMncwango ayefuna ziphenywe, ukuthi uNtuli wagxambukela ohlelweni lokuqokwa kwabazohlomula.

UMncwango uthe uNtuli bekufanele aqoke inkampani ezimele ukuba iphenye.

"Njengoba naye ethinteka bekungafanele ukuba ayalele umuntu amphethe ukuba aphenye. Umuntu ongaphansi kwakhe uzomphenya kanjani?"

UMncwango uthe ufuna ukuthi izinsolo ziphenywe yiHhovisi loMvikeli woMphakathi.

Uthe okunye okwenza ukuthi uNtuli afune uphenyo ingoba nakhu uzama ukulibazisa, wathi ihhovisi likaNtuli alinayo le mali eliyithembise abahlomulile.

"Imali kwakufanele isebenze ngonyaka wezimali owedlule, bahluleka. Uma imali ungayisebenzisanga ngesikhathi ibuyela emuva. Uma usufuna ukuyisebenzisa kufanele ubhalele uMnyango kaMgcinimafa, uyicele. UMphathiswa wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, ushilo ukuthi abakaze bayicele le mali (Isolezwe liyibonile incwadi kaRodgers lapho ephendula uMncwango)."
URodgers uthe le mali angaze akwazi ukubanika ngo-Okthoba, uma esehlela kabusha isabelomali. UNtuli uzama ukuqhuba isikhathi ngalolu phenyo ngoba ayikho imali njengamanje.