Izindaba

ULeleti Khumalo ubonge umndeni behlabana ngendondo

Charles Khuzwayo|Published

ULELETI Khumalo no-Anant Singh beqeda ukwamukela indondo kuSarah Rafferty noJohn Reardon kwi-64th Monte-Carlo Television Festival, eMonaco

Image: SITHUNYELWE

INKAKHA yomlingisi wodumo kwiSarafina neYesterday, uLeleti Khumalo, ibonge umndeni wayo ngokuyeseka. ULeleti, waduma kakhulu ngokudlala indawo kaSarafina, ukhulume kanje ngesikhathi emukela umklomelo kwi-64th Monte-Carlo Television Festival, eMonaco, ngoLwesibili ebusuku.

ULeleti, obehambisana no-Anant Singh, uthole lo mklomelo emunxeni weSpecial Creation kumaGolden Nymph Awards, emcimbini obubanjelwe eGrimaldi Forum ngenxa yeqhaza alibambe efilimini esihloko sithi Don't Give Up.

"Ngiyabonga kwi-64th Monte-Carlo Television Festival. Ngithanda ukubonga ithimba leVideovision nomqondisi uDarrell Roodt, ngokuqhamuka nalo mdlalo. Ngibonga u-Anant ngokuhlala ekholelwa kimi futhi enethemba kimi. KuNkosana nakuNkosazana, siyabonga ngokuphatha kahle lapha eMonte Carlo," kusho uLeleti ongumlingisi odlala indawo eqavile efilimini.

Unikezwe le ndondo yizihlabani zethelevishini uSarah Rafferty (Suits) noJohn Reardon (Hudson & Rex). Lo mkhosi wamafilimu sewuphenduke ungqa-phambili emhlabeni jikelele kangangoba uqhathaniswa nama-Oscar ase-Europe. U-Anant uthe le filimu ikhuluma ngabantu abayimihambima futhi abangakwazi ukuzikhulumela.

"Sikhumbuza ngamafilimu abantu abangenamakhaya emhlabeni jikelele. Umculo kaPhillip Glass nokaPeter Gabriel, uyinikeza loyo mlingo okhethekile. Sijabule kakhulu ukuba nefilimi yakuleli engabantu abangenamakhaya ihlabane ngomklomelo okhethekile." Ubonge ukwenziwa kwalezi zindondo  nguPrince Ranier noPrincess Grace, wabonga noMhlonishwa uPrince Albert ngokuqhubeka nokubungaza imiphakathi engamaciko okuyinto esemqoka.

"Sekuwunyaka wesithathu lapha kule festival futhi ngijabule ngokukhala ngemuke neGolden Nymph  noLeleti.” I-Don't Give Up ididiyelwe yiVideovision Entertainment ngokubambisana neDistant Horizon kanye nomdidiyeli omkhulu uSanjeev Singh, umdidiyeli u-Anant Singh futhi yabhalwa maqede yadidiyelwa nguRoodt.