Izindaba

Kumsebenzele uZakes Bantwini ukusheba umculo nemfundo

Charles Khuzwayo|Published

UZAKES Bantwini ophothule iziqu abezenza eHarvard Business School e-US

Image: X

YIZE isihlabani se-Afro house, uZakhele "Zakes Bantwini" Madida, sesidume umhlaba wonke endimeni yomculo kodwa sisaqhubeka nokuzithuthukisa ngolwazi emkhakheni wezemfundo.  UZakes Bantwini (44) wodumo lwengoma ethi Osama ushayelwe elikhulu ihlombe emuva kokuphothula izifundo emkhakheni wezamabhizinisi emunxeni wezokungcebeleka, ezemidlalo nasemithonjeni yezindaba eHavard Business School e-United States.

Lo mculi odabuka KwaMashu uyena ofake imiphumela yakhe ezinkundleni zokuxhumana. 

"Ukuphothula lolu hlelo lwezemfundo eHavard Business School kungaphezu kwempumelelo yami, kodwa kuyizinkomba zokuthi amaciko ase-Afrika afanelwe ukuba kuliphi izinga, ezinkulumweni zasemhlabeni jikelele, kuma-boardroom nasematafuleni lapho izinqumo zithathwa khona."

UZakes Bantwini waqala imfundo yamabanga aphansi eShayamoya Junior Primary ngaphambi kokuphothula uGrade 12 eNqabakazulu High yize ayesebhekene nezinselelo zokukhulisa umntwana ayemthole eneminyaka ewu-14. Eseqedile esikoleni, wadlulela eTechnikon Natal, osekuyiDurban University of Technology, ukuyofundela umculi. Akagcinanga lapho waqhubeka wayokwenza izifundo zeJazz and Music Performance e-University of KwaZulu-Natal nezeSocial Entrepreneurship Programe eGordon Institute of Business Science e-University of Pretoria.

Ngaphandle kwalokho ungumsunguli wenkampani yomculo evumbulule ikhono kubaculi abanjengoL'vovo Derrango, Shon G, Beezori, DJ S'ndara noDJ Budda, iMayonnie Productions. Uhlabane ngenqwaba yemiklomelo enjengoBest Male kumaMetro FM Music Awards (2011), Video of the Year kumaChannel Of Awards (2011), Best Collaboration kumaSama (2022), Samro Highest Airplay Composers (2022), Best Global Performance kumaGrammy Awards (2022) neye-International Award kumaSama (2023). 

UZAKES Bantwini enomkakhe uNandi Madida komunye umcimbi

Image: SIGCINIWE