Izindaba

UShivambu uzoqhubeka kwiMK nakuba 'epheka ibhodwe lakhe'

Sabelo Nsele|Published

Uthi uzohlala anethezeke kuMK Party uFloyd Shivambu

Image: Timothy Barnad

ODILIZWE kwesokuba unobhala jikelele weMK, uMnuz Floyd Shivambu, uzoqhubeka nokuba ilungu laleli qembu yize ephezu kwezinhlelo zokuqala inhlangano entsha. 

UShivambu uthe angeke asule ekubeni ilungu leMK yize eseqale uhlelo lokubuza abantu bakuleli ukuthi ngabe kufanele yini asungule iqembu lezepolitiki elizoncintisana neMK okhethweni lohulumeni basekhaya oluzokuba ngonyaka ozayo. 

Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma nabezindaba, eGoli. 

UShivambu udilizwe esikhundleni ngasekuqaleni kwalenyanga.

IMK yayithembise ukuthi izomjuba ePhalamende kodwa uShivambu uveze ukuthi iqembu libuye lahoxisa isithembiso sokumjuba ePhalamende ngenxa yokuthi kunezinsolo zokuthi ufuna ukuketula umholi, uJacob Zuma. 

Ekhuluma nabezindaba, uShivambu uthe uzohambela zonke izinkalo zakuleli efuna uvo lwabantu ukuba kufanele yini aqale iqembu elisha.Kepha uShivambu uthe uzoqhubeka nokuba ilungu leMK.

"Imigomo yeMK ayiwavumeli amalungu enhlangano ukuba azibandakanye nezinhlelo zamaqembu aphikisana neMK. Uma kuwukuthi ubuholi beMK bubona sengathi lokhu engikwenzayo kuphambene nemigomo, sengiyolithetha ligcwele."

UFloyd Shivambu osusiweyo njengoNobhala Jikelele weMK Party.

Image: Tumi Pakkies