UMHOLI we-MK, uMnuz Jacob Zuma, nobengunobhala jikelele waleli qembu owasuswa, uMnuz Floyd Shivambu, ozokhuluma nabezindaba namhlanje 'ngekusasa lakhe'
Image: X
AYAQINA amahlebezi okuthi osanda kudilizwa esikhundleni sokuba unobhala jikelele we-MK, uMnuz Floyd Shivambu, uzoqala iqembu lakhe elisha lezombusazwe.
UShivambu uzokuba nesithangami nabezindaba namhlanje, lapho kulindeleke ukuthi amemezele ukwesula kwakhe kwi-MK, kanti uthembise ukukhipha ingonyuluka uma esekhuluma nabezindaba, namhlanje, eGoli.
Isimemezelo sikaShivambu sanamhlanje, sibhekwe ngabomvu futhi sesihlukanise phakathi amalungu e-MK.
Kunamalungu e-MK afunga ngokuthi alinde ukuthi "athi pe" bese eyamlandela, kanti amanye athi kobe liphume nobomvu uma engashiya.
Abeseka uShivambu kanye nabafuna ukuthi ahambe bebebambene ngezihluthu ezinkundleni zokuxhumana.
UShivambu udilizwe esikhundleni ekuqaleni kwale nyanga emva kokuhambela isonto loMfundisi waseMalawi ofunelwa amacala kuleli, uShepherd Bushiri.
Ngesikhathi uShivambu edilizwa yi-MK, yathi izomjuba ePhalamende kodwa kuze kube yimanje, akakaze afungiswe futhi negama lakhe aliveli ohlwini lwamalungu e-MK azothunyelwa khona.
Kusukela uShivambu adilizwa esikhundleni akakaze abonakale emicimbini ye-MK.
Kunamalungu e-MK angahambisani nesinqumo sokudilizwa kukaShivambu esikhundleni.
Amalungu angeneme azama ukubhikisha ngesikhathi kunomcimbi woSuku lweNtsha okwakhuluma kuwo umholi, we-MK uMnuz Jacob Zuma.
UZuma washiya angalazi kulabo ababehlela umbhikisho.
Ekhuluma emcimbini owawuseThekwini, ngoMsombuluko, uZuma uthe akekho umuntu ozoncengwa kwi-MK.
Uthe abangahambisani nezinqumo zokukhishwa kwabaholi abahambe beyoqala iqembu labo.
Uqhube wathi bonke abakhishwa ezikhundleni kusuke kukhona amaphutha abawenzile.
UShivambu uthe: "Labo abake basebenza nami bayazi ukuthi ngiyakholelwa ekukhulumeni iqiniso. Ngaso sonke isikhathi ngihlezi ngikhuluma iqiniso. Ngizoveza obala konke okungamanga."
Umhlaziyi wezepolitiki, uMnuz Ongama Mtimka, uthe uShivambu kofanele acabangisise kahle ngaphambi kokuthi athathe isinqumo ngekusasa lakhe.
"Ngiyazi ukuthi abanye abantu bayathanda ukwenza izinto ngoba nakhu befuna ukuhlabekisa izimbangi. Uma wenza izinto ngoba nakhu udiniwe, ugcina usuwenza nezinto ozozisola ngazo. Kuhle kwesinye isikhathi ukungathathi izinto ngenhliziyo."
UShivambu uhlale esikhundleni sikanobhala isikhathi esingaphansi kwezinyanga eziyisikhombisa.
Kulesi sikhathi asihlalile ubhekane nezivunguvungu.
Indodakazi kaZuma, uNkk Duduzile Zuma-Sambudla, yamchapha ngezinhlamba ezinkundleni zokuxhumana.
Kwaphinde kwavela ukuthi kunamalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, angafuni ukwemukela ukuqokwa kwakhe.
Uma uShivambu egcine eshiya kwi-MK, kuzobe kungekhona okokuqala egejana noZuma.
UShivambu wagcina eshiya kwi-ANC emva kokugejana noZuma. Ngaleso sikhathi uZuma wayengumengameli we-ANC, uShivambu yena wayekwi-ANC Youth League.
UShivambu ujoyine i-MK esuka kwi-EFF, lapho ebeyiphini lomholi waleli qembu.
Kubukeka engenayo indlela ebuyela kwi-EFF njengoba umholi weqembu, uMnuz Julius Malema, esanda kumemezela ukuthi isigungu esiphezulu savumelana ngokuthi ngeke sibamukele labo abasanda kushiya.
UMalema wayekade exwayise ngokuthi uShivambu ngeke awuqede unyaka kwi-MK.
Related Topics: