Izindaba

USomizi udinwa ngabagxeka izinkolelo zabanye

Charles Khuzwayo|Published

Somizi Mhlongo

Image: SIGCINIWE

UMSAKAZI weMetro FM, uSomizi "Somgaga" Mhlongo, usekhwele wadilika kubantu abalokhu begxeka izinkolelo zabanye. USomgaga uthe abantu abayeke ukuthi ngoba sebexakwe ubungoma noma ukusindiswa, bese begxeka leyo nkolo asebephumile kuyo.

Lo saziwayo ongumdidiyeli wemidanso yamanje ukhulume kanje emuva kokuba kunozakwabo abalokhu begonyuluka ngokubenze balaxaza inkolo yamadlozi. Phakathi kwabo, kubalwa umlingisi wodumo kwiSibaya nakwiGenerations, uSiyabonga Thwala, osanda kuphumela obala ngokushiya inkolo yobuNazaretha.

Omunye, uGogo Sikhotheni osanda kusindiswa emuva kokushiya ubungoma. Owake walingisa kwiGenerations futhi ongunina wengane kaSomizi, uPalesa Madisakwane, nozakwabo uThabiso Makhethi, bashiye phansi ubungoma bajoyina inkolo yobuKhrestu. Nomculi uPhelo Bala usanda kuphumela obala ngokushiya phansi ubungoma.

USomizi uthe ayikho inkinga ngokuthi umuntu aphenduke, azalwe kabusha akhethe iNkosi.

"Ayikho into embi ngalokho. Impilo yakho. Uhambo lwakho. Inkululeko yakho nelungelo lakho elukuMthethosisekelo. Akunankinga. Okungikhuba umphefumulo futhi okungenasidingo, ukugxeka into osuka kuyo. Asikho nje isidingo sokugxeka into obuyiyo. Qhubekela phambili!"

Uthe uma ubona ukuthi obukukho akukusebenzelanga, dlulela kokunye ocabanga ukuthi kuzokusebenzela.

"Musa ukugxeka ngoba yikho enginenkinga nakho ngoba kuwukwedelela abantu abasagcina leyo nkolelo wena osuka kuyo. Ungakwenzi nje lokho ngoba awutholi lutho ngikugxeka inkolelo yomunye," usho kanje ekhuluma ezinkundleni ezehlukene zokuxhumana.

Uthe kunabantu abafike bahlabe izimbuzi ngoba bekholelwa emadlozini.

"Gwiqiqi, wena sewuthi inkolelo yamadlozi ingamadimoni futhi ukuhlabela amadlozi imbuzi akunamsebenzi walutho. Omunye ubewumKhrestu obekholelwa eBhayibhelini nakuJesu, jikijiki uJesu yinto engekho."

Uthe umuntu akagxile kulokhu akholelwa kukho ngoba wonke umuntu usuke eseyedwa ebhokisini. 

Palesa Madisakwane

Image: Instagram/palesamad

GOGO SKHOTHENI

Image: SIGCINIWE

Phelo Bala

Image: File image

UMLINGISI wakuleli uThabiso Mokhethi owaduma kakhulu kwiGenerations Isithombe: INSTAGRAM/ THABISO MOKHETHI

Image: SIGCINIWE