UJABU Hlongwane uzogubha iminyaka engu-30 esemculweni nabalandeli bakhe baseKZN naseGAUTENG
Image: SIGCINIWE
INGWAZI yomculo wokholo, uJabu Hlongwane, izogubha nabalandeli bayo baseThekwini naseGoli, ukuqeda iminyaka engu-30 iyibambile insimbi ishisa emculweni. UJabu ubhale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi ukugubha le ngqophamlando uzomema abantu abangu-30 bakulama dolobha abazifela ngomculo wakhe ukuba babe nengxoxo engamahora amabili mayelana nomculo wokholo nangempilo jikelele.
"Ngizobe ngiphathele wonke umuntu izipho."
Ukuze uzibeke ethubeni lokuba yingxenye yalo mgubho okhethekile, uJabu unxuse ukuba uziqophe ucula elinye lamavesi ezingoma zakhe eziyintandokazi yakho noma uziqopha ukhuluma ngomlando wakho nomculo kaJabu.
Ungabuye uziqophe udlala enye yezingoma zakhe ezikwi-albhamu yakamuva esihloko sithi Crosspower Experience 4. Ufake leyo video ezinkundleni zokuxhumana bese uyaqinisekisa ukuthega u#jabuhlongwane,#jabuhlongwane30yrscelebration ne-#sihlezikahle.
UJabu uthe usuku lokugcina ukwenza lokhu uMsombuluko wangoJuni 23.
"Ngikulangazelele kabi ukwabelana nani ngalo mzuzu," kuphetha uJabu. UJabu ongomunye wabasunguli beqembu lodumo iJoyous Celebration.
Waziwa ngamanoni athi There Is A Race, Let It Rain, Igama Lakho, Inkosi Yokuthula namanye. Wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala ngo-1994 ngaphambi kokubamba iqhaza ekusungulweni kweJoyous Celebration.
UJABU Hlongwane uzogubha nabalandeli bakhe baseGauteng naseKZN ukuqeda iminyaka ewu-30 esemculweni
Image: SIGCINIWE
Related Topics: