Izindaba

Bacishe bayisutha induku emhlanganweni weSikebhe

Charles Khuzwayo|Published

YINGXENYE yamalungu eSkebhe abeliqhamukisa ezifundeni ezehlukene zakuleli emhlanganweni obusehholo lomphakathi waKwaNgwedla, eNquthu, ngeSonto

Image: ZAMANI MATHE

BASINDELE ukuba khona kwenkosi namaphoyisa olakeni lukamengameli weSikebhe, uMnuz Sibangani Manyathi, abasolwa ngokuqola umphakathi egameni lale nhlangano elwa nobugebengu nokwebiweni kwemfuyo ezindaweni zasemakhaya.

Lokhu kuvele ngesikhathi kunomhlangano wokubuyekezwa komsebenzi wamalungu eSikebhe okade ubanjelwe esigodini saKwaNgwedla, endaweni yaseLuvusi, eNquthu, ngeSonto.

UManyathi uthukuthele kwangathi uthelwe ngezibonkolo ngesikhathi ethola ukuthi kunabaholi bale nhlangano asebeyisebenzisa ukufeza izinhloso zabo nokuzicebisa. Kuvele ukuthi ubuholi baseMgungundlovana sebunenkampani yonogada eqapha amapulazi abelungu bese bona behlomula ngesamba sikaR109 000 zinyanga zonke.

Kuthiwa nakule nkampani kuqashwe izihlobo nabangani balaba baholi. Nabasesifundazweni saseMpumalanga bacishe bayisutha induku emuva kokutholakala ukuthi sebenomkhonyovu abawenzayo.

Okunye okuvelile ukuthi sekunenqwaba eziholela ngezinkomo ezisuke zintshontshwe ebantwini, ezibizwa ngo"mazifikele" noma ngo"tshanibenkosi".

UManyathi ulimise ngesihloko elokuthi ukube ibingekho Inkosi yakule ndawo, uMnuz Thathezakhe Ngobese namaphoyisa aseNquthu ngabe 'babathandazele' bonke abalahlwe ngamacala.

UMNUZ Sibangani Manyathi ubesho ukubaqeda abasolwa ngokusebenzisa iSikebhe ukuzihlomulisa

Image: ZAMANI MATHE

Lo mhlangano bewuhanjelwe yizinkumbi zamalungu eSkebhe abeliqhamukisa ezifundazweni eziningi zakuleli, ikakhulukazi iGauteng, Mpumalanga, North West neLimpopo. Iningi beliswenke ngomfaniswano weSikebhe ongumbala oluhlaza okotshani.

Iphini likamengameli wale nhlangano, uMnuz Zakhele Mncube, lithe umgomo weSikebhe ukuthi sisebenzisane namaphoyisa kangangoba abalisukumeli icala lomuntu ongalivulile icala emaphoyiseni.

Uthe akekho umuntu okufanele ashaywe ekhanda noma ngaphansi kwezinyawo. UMncube uthe yize kujoyinwa ngemali ukuze ube yilungu leSikebhe kodwa izaguga kufanele zisizwe ngisho zingewona amalungu. 

ISikebhe sike saba sematheni ngokuqulisa owayengumsakazi woKhozi FM, uSbu Buthelezi ngoba esolwa ngokuqola izizumbulu zemali abalaleli balesi siteshi esingungqaphambili e-Afrika. Nenyanga edume ngelikaDkt Mabalengwe nomfundisi odume ngelikaMbhoro sebeke batinyelwa wudosi lweSikebhe. 

YINGXENYE yebehambele umhlangano weSikebhe ehholo lomphakathi waKwaNgwedla, eLuvisi eNquthu

Image: ZAMANI MATHE