Izindaba

Amazwi enduduzo ngoDJ oshayiswe yimoto

Charles Khuzwayo|Published

KUGCINE kumenele uDJ Dosline emuva kokushayiswa yimoto

Image: Isithombe: FACEBOOK

ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kukaDJ, ozakhele udumo ngokudlala emisakazweni eminingi, okubalwa kuyo neMetro FM. UTakalani "Dosline" Mkansi, ushonele esibhedlela saseMpumalanga emuva kokungeniswa kuso elimele kabi kulandela ukushayiswa yimoto ngoMgqibelo.

Isolezwe lithole ukuthi uDosline (36) waseDennesig, eMiddelburg, ubesathi ushintsha isondo ngesikhathi eshayiswa imoto ebidlula emgwaqweni owuthelawayeka uN4.

Abantu abaningi babone kwiWhatsApp Status sakhe kubhalwe kanje: "Ngiyacela ubize amaphoyisa ne-ambulensi. Sengishayiswe yimoto emgwaqweni uN4 ngesikhathi ngishintsha isondo lemoto. Angiyizwa kahle imilenze yami. Isidakwa somshayeli sesikhale amaphepha. Ngisizeni, ngisizeni," kubhala uDosline.

Izindaba zokushona kwalo DJ ziqinisekiswe wumndeni wakhe ngesitatimende osisabalalise ezinkundleni zokuxhumana. Abantu abaningi bamazele kakhulu ezindaweni zokubumnandi abedlala kuzo futhi ungumsunguli womcimbi obizwa ngeSunday Sessions eRustique.

Umufi uzokhunjulwa kakhulu ngamanoni amaningi okubalwa kuwo elithi Ufuna ni, Never Leave Me nalenza noKelly Khumalo elithi Coming Home.  Abalandeli bomculo wokujuxuza nabanye oDJ basine bededelana bebhonga emswanini , ngokuhamba kwaleli ciko. Umndeni uthe usazokwazisa umphakathi ngezinye izinhlelo ngamalungiselelo okufihlwa kukaDosline.