Izindaba

UMchunu ucacisa eyokuqoka okhomishana bamaphoyisa

Nokubongwa Phenyane|Published

UNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, echaza ngomkhankaso, i-Asiyekhaya akade benawo eMtshezi athi bazoqoqa abantu abahlubuka ngezizathu ezehlukene kwi-ANC baya kwamanye amaqembu. Kulolu hambo uphinde wacacisa ngezibalo zobugebengu nodaba oluthinta okhomishana bamaphoyisa ezifundazweni

Image: Nokubongwa Phenyane

UNGQONGQOSHE wezamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, useveze ukuthi akukho ezandleni zakhe ukuqoka okhomishana bamaphoyisa okuphela izinkontileka zabo ngasekupheleni konyaka.

UMchunu ubehambele endaweni yaseWembezi, eMtshezi ngeSonto, lapho bekunomkhankaso we-Asiyekhaya, wokwamukela amalungu ajoyina i-ANC aphuma kwamanye amaqembu.

Ekhuluma nabezindaba uveze ukuthi akanalo izwi ekuqokweni kokhomishana bamaphoyisa njengoba beqokwa nguMkhuzi wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola.

“Udaba olungathinti mina lolo, kodwa luzobhekwa uMasemola njengoba kusehhovisi lakhe ukuthi bakhethe okhomishana abasha,” kusho uMchunu.

Uthe yena akubhekile ukuqhubeka nokungenelela ezindaweni ezigcwele ubugebengu ezinye ezikhona KwaZulu-Natal, Gauteng naseWestern Cape.

“Angifuni kubonakale sengathi sinake iNanda noMlaza ngoba ngoba lezi zindawo zihlale zihamba phambili ngobugebengu uma kuphuma izibalo zobugebengu, kodwa zikhona nezinye izindawo isimo esibi kakhulu khona KwaZulu-Natal, la kubulawa khona abantu usuku nosuku. Uyazi nje ePhoenix kunenkinga kodwa ayigqamile ngakho ngifuna singabuki izindawo ezithize kuphela kodwa sisukumele zonke izindawo ezinezinkinga,” kuchaza uMchunu.

Kulo mkhankaso akade ekuwo njengelungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uveze ukuthi banomlando ngendawo yaseMtshezi njengoba kwachitheka igazi labantu abehlukene ngenxa yezimpi zepolitiki.

Uthe akugcini lapho banomengameli owaphatha i-ANC, uMnuz Josiah Gumede ophuma kuyona le ndawo.

“Ziningi izindawo esisazozihambela ukuze sibuyise abantu abashiye i-ANC, esithi ababuye ekhaya. Siyajabula ukwamukela abantu abangaphezu kuka-100, abasuka emaqenjini ehlukene ababone ukuthi babuye ekhaya kwi-ANC. Amaqembu ezepolitiki akhona manje abantu abasuka kwi-ANC, abanye abaphuma sengathi bayochama bahehwa ngoju bavula amaqembu abo. Uyabona lo muntu waphuma namagugu ethu siyiqembu, wathatha imibala yeqembu nokunye yingakho sisenkantolo manje ngoba sifuna okungokwethu,” kuchaza yena.

Ebantwini abamukelwe kubalwa abasuka kwiNFP, IFP, EFF neDA.

UMnuz Sizwe Mchunu obeyikhansela leNFP ongomunye wabajoyine i-ANC, uveze ukuthi azolwa nakho kakhulu ukuthi kuphinde kubuye amanzi elokishini iWembezi angaphumi muva nje futhi baphinde bazame ukubuyela kuMasipala ILangalibalele, ukuze intsha iphinde ivulekelwe amathuba omsebenzi ayekhona kuqala.

Kulolu hambo uMchunu ubehambisana nobuholi bendawo nephini likaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nobuHoli boMdabu kuzwelonke uMnuz Dickson Masemola, ophinde abe sethimbeni elijutshwe ukuzolungisa isifundazwe iKwaZulu-Natal ngemuva kokungenzi kahle okhethweni lwangonyaka odlule.