ISIBHAMU nezinhlamvu eziphucwe umuntu ogasele emhlanganweni wokukhetha ubuholi be-ActionSA ku-ward 25 kuMasipala waseThekwini
Image: Sithunyelwe
KUQHUME isibhamu emhlanganweni wokuqoka ubuholi be-ActionSA obuhanjelwe umholi weqembu, uMnuz Herman Mashaba, nomholi weqembu KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango
Image: Sigciniwe
KUSUKE isidumo kuqhuma isibhamu emhlanganweni wokukhetha ubuholi be-ActionSA kuWard 25 kuMasipala waseThekwini.
Umhlangano obuhanjelwe umholi we-ActionSA, uMnuz Herman Mashaba nowaKwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uchithiwe emva kokuba kugasele umuntu ofike waqhumisa isibhamu waphinde washaya abebehambele umhlangano ngesando.
Umhlangano ububanjelwe kuKennedy Road, ngeSonto.
Kube ubumayemaye ngesikhathi kugasela umsolwa ofike wasongela abebehambele umhlangano.
Umsolwa ube eseqhumisa isibhamu kwaze kwaba kathathu.
Emva kokuphucwa isibhamu, umsolwa uvele wadonsa isando waphihliza kwasani obekuphambi kwakhe.
Lo msolwa ugcine eboshiwe, kulindeleke ukuthi avele enkantolo namhlanje.
UMncwango uthe amalungu e-ActionSA akwazile ukuphuca umsolwa isibhamu.
"Udubule amahlandla amaningi, ngenhlanhla-leyo amalungu eqembu akwazile ukumbamba, amphuca isibhamu. Sibonga ubuhlakani nesibindi samalungu eqembu. Ukucabanga ngokushesha kwamalungu eqembu kugweme inhlekelele enkulu ebingenzeka ukube akazange aphucwe isibhamu ngokushesha umsolwa."
Uthe umsolwa bamdlulisele emaphoyiseni aseSydenham.
"Amaphoyisa asitshele ukuthi umsolwa uzovela enkantolo ngoLwesibili (namhlanje). Sizokube sikhona enkantolo lapho sinxusa ukuba umsolwa anganikezwa ibheyili."
Uthe baphoqelekile ukuba bahoxise umhlangano emva kwesidumo okulimale kuso elinye lamalungu eqembu.
"Ngokucabangela isimo sokuphepha samalungu eqembu noMashaba, sithathe isinqumo esinzima sokuba sihoxise umhlangano. Elinye ilungu leqembu lilimale kanzima ngesikhathi kusuka isidumo."
UMncwango waziwa ngokugxeka inkohlakalo eminyangweni kahulumeni waKwaZulu-Natal nokomasipala.
Uthe kuyakhathaza ukuthi isigameko senzeka lapho kubhekwe khona okhethweni lohulumeni basekhaya nokuyilapho zande kakhulu izigameko zokusocongwa kosopolitiki esifundazweni.
"Le nto isikhumbuza umlando omubi wokungabekezelelani kwezepolitiki lapha KwaZulu-Natal. Iphambene noMthethosisekelo wezwe onikeza bonke abantu amalungelo okuba bakhankase ngokukhululeka. Njengoba sekusondele ukhetho lohulumeni basekhaya sinxusa wonke amaqembu ezepolitiki ukuba ashumayele ivangeli lokubekezelelana."
UMashaba ubonge amaphoyisa ngokusukumela ngokushesha lolu daba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, akazange ayiphendule imibuzo athunyelelwe yona.
Related Topics: