Izindaba

Lisazoqhubeka nokugawula izembe kwi-MK: Zuma

Sabelo Nsele|Published

Umholi weMK Party uMnuz Jacob Zuma

Image: Doctor Ngcobo

UMHOLI we-MK, uMnuz Jacob Zuma, uthe lisazoqhubeka nokugawula izembe kubaholi beqembu abenza okuphambene nomthetho, wathi abakhathali noma ngabe bathandwa kangakanani.

Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokwethula ngokusemthethweni ubuholi bophiko lwentsha kwi-MK obuseClermont.

Ziningi izinguquko ezenziwe ebuholini be-MK kusukela yasungulwa eminyakeni engaphansi kwemibili eyedlule.

Muva nje, i-MK idilize obengunobhala jikelele wayo, uMnuz Floyd Shivambu, obengakaqedi ngisho unyaka ehlezi kulesi sikhundla.

Bayisikhombisa abantu asebephathe isikhundla sikanobhala jikelele kwi-MK kulesi sikhathi esingaphansi kweminyaka emibili yasungulwa.

UZuma uthe akekho umholi ozozenzela umathanda kwi-MK.

"Lena akuyona inhlangano yokuzicebisa, yinhlangano yokukhulula abantu baseNingizimu Afrika. Ingakho uma uzoqhaphela kahle uma kuke kwabakhona omunye wethu owenza into engalungile, siyamsusa esikhundleni. Uma uzoqaphela kahle bayisikhombisa abantu asebephathe isikhundla sikanobhala jikelele ngoba asidlali. Uma sibona ukuthi awenzi kahle siyakwehlisa esikhundleni. Sifuna inkululeko."

UZuma uthe ugazi angeke lubavikele abaholi ukuthi bakhishwe ezikhundleni.

"Noma ngabe uthandwa kangakanani, noma ngabe ufunde kangakanani, asinendaba. Akekho umuntu ozoncengwa. Noma ngabe uwuGedleyihlekisa, uma usuwenza okuphambene nomthetho kufanele uhambe. Wonke umuntu uyazizela lapha kwi-MK, uma ungasanelisekile phindela emuva kwagogo."

UZuma ukhuze abavikela abaholi abakhishwa ezikhundleni.

"Ngizwile nje kuthiwa lapha bekukhona abebefuna ukubhikisha, befuna ukuzokhalaza ngezinqumo esizithathile. Kusho ukuthi kusekude phambili uma kuwukuthi kusekhona abantu abenza kanje."

UZuma ugqugquzele intsha ukuba iqhubeke nokulwela izidingo zayo.

"Intsha iyona eyikusasa lakuleli zwe. Thina ningasizwa nje sidaza inkani sithi asikagugi kodwa iqiniso ukuthi ikusasa laleli lizwe lisezandleni zenu. Ingakho kungafanele ningathuli uma nibona izinto zibheda."