Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema
Image: Tumi Pakkies
Umholi we-EFF uMnuz Julius Malema
Image: Tumi Pakkies
UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, unxuse abantu baKwaZulu-Natal ukuba bangayivoteli ngobuningi i-MK njengoba benzile okhethweni langonyaka owedlule.
UMalema uthe kwaba yiphutha ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bavotele ngobuningi leli qembu eliholwa owayengumengameli wezwe ne-ANC, uMnuz Jacob Zuma.
Ukusho lokhu ekhuluma emcimbini we-EFF wokugubha uSuku lweNtsha obuseKing Zwelithini, eMlaza, izolo.
I-MK iyona eyathola amavoti amaningi KwaZulu-Natal okhethweni lwangonyaka owedlule kodwa yasala ngaphandle ngesikhathi kwakhiwa uhulumeni ophethe isifundazwe.
Nakuzwelonke, i-MK yafika kwezwakala njengoba yaba iqembu lesithathu ngobukhulu ePhalamende.
UMalema uthe i-MK ayibasizi ngalutho abantu abayivotelayo, wakhala ngokuthi leli qembu lijuba ezikhundleni abantu abangawazi umsebenzi.
Wenze isibonelo ngelungu le-MK ePhalamende, uMnuz Eric Kulani Giyani Nkovani, odume ngelikaPapa Penny, othe ukhuluma into engazwakali ePhalamende.
"Lapha KwaZulu-Natal navotela i-MK, yathola u-45%. Benzani ngaloyo 45%? Abenzi lutho. Bazihlalele nje. NasePhalamende bazihlalele nje, abenzi lutho yize benenqwaba yezihlalo. Banikeza izikhundla abantu abangazi lutho. Umuntu okhuluma aze aqede ungezwanga ukuthi ubethini. Banikeza izikhundla oPapa Penny abantu abakhuluma into engazwakali. Le nto iwukwedelela abantu abavotela i-MK."
UMalema usole uZuma ngokudukisa abantu, wathi wenza izethembiso ahluleka ukuzifeza ngesikhathi ewumengameli wezwe iminyaka eyisishiyagalolunye.
"Njengamanje uhamba ethembisa abantu ukuthi uzobabuyisela umhlaba. Wahlulwa yini ukubuyisela abantu umhlaba ngesikhathi esengumengameli? Kufanele amukele ukuthi isikhathi sakhe sesidlulile."
UMalema ukhuze eyokuvota ngobuhlanga KwaZulu-Natal.
"Abantu baKwaZulu-Natal bathanda into enenqubekela phambili. Angeke bavume ukubuyiselwa emuva amakhehla afuna ukwenza sengathi iKwaZulu-Natal ngeyawo."
UMalema uthe ukuphikwa izinto okhethweni lakamuva kwaZulu-Natal ngeke kubadikibalise.
I-EFF ayenzanga kahle KwaZulu-Natal okhethweni likahulumeni kazwelonke olwalungonyaka owedlule, njengoba yasala nezihlalo ezimbili kweziyisishiyagalolunye ebiziphethe esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.
Nasokhethweni lokuchibiyela lakamuva eselibe khona KwaZulu-Natal, i-EFF isiphenduke ukudla kwenduku.
"Sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi i-EFF ithola ukwesekwa kuzo zonke izindawo lapha KwaZulu-Natal. Sifuna ukunqoba omasipala, sizokwethula umkhankaso wethu khona lapha KwaZulu-Natal."
Related Topics: