Uvalo ngemibiko yeCovid
Image: Pixabay
KUBANJWE umoya ngokusabalala kohlobo olusha lobhubhane iCovid okuthiwa lusabalala ngamandla uma luqhathaniswa nezinye izinhlobo zaleli gciwane.
Izikhulu zikahulumeni wakuleli zinxuse abantu ukuba baqhubeke nokuhlonipha imigomo ebekelwe ukulwa nokusabalala kobhubhane i-corona, njengoba kunegciwane elisha elisabalala ngamandla emazweni amaningi.
Igciwane elisha elibizwa ngeNimbius lihlasele emazweni angu-22 iningi lawo ase-Asia nase-Europe.
Nakuba engekho kuleli okubikwe ukuthi unalolu hlobo olusha lwe-corona kodwa abantu bakuleli banxuswa ukuba baqaphele. Isikhungo esihlolela izifo, iNational Institute for Communicable Diseases (NICD), sithe ucwaningo lukhombisa ukuthi uhlobo olusha lwe-corona lusabalala ngokushesha nokuthi lushaya kakhulu amasosha omzimba uma kuqhathaniswa nezinye izinhlobo zaleli gciwane.
"Kodwa-ke imininingwane ekhona njengamanje ayikhombisi ukuthi uhlobo olusha lwe-corona olusabalele, lugulisana kakhulu kanti futhi nezinkomba zayo azehlukile."
I-NICD ithe asikho isidingo sokuba abantu bakuleli batatazele njengoba uhulumeni eqhubeka nokuqapha ukusabalala kohlobo lwe-corona olusha.
"Imigomo izoqhubeka isebenze kanti futhi nokuhlolela i-corona kuyaqhubeka."
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, unxuse abantu ukuba bahloniphe imithetho ebekelwe ukulwa nokusabalala kwaleli gciwane.
Ubekhuluma emuva komhlangano weKhabhinethi izolo.
"Sinxusa abantu ukuba baqinisekise ukuba bazigcina behlanzekile, bageze izandla ngamanzi anensipho, bagweme ukuxhawulana isidingo singekho, baqinisekise ukuthi bafaka izifonyo uma bekhwehlela baphinde benze isiqiniseko sokuthi bahlala emakhaya uma begula."
UNgqongqohse wezeMpilo, uDkt Aaron Motsoaledi, uthe bakuqaphile ukubheduka kohlobo olusha lwe-corona.
"Sinengqalasizinda esezingeni yokuqapha ukusabalala kwezifo. Njengamanje akukho okusabikiwe. Sizoqhubeka nokuqapha isimo."
UMotsoaledi uthe uhlobo olusha lwe-corona luhlobene nezinye izinhlobo esezike zaba khona.
Uthe lokhu kusho ukuthi imigomo ebivele isetshenziswa izokwazi ukugwema uhlobo olusha.
UMotsoaledi uthe abakuqaphelayo okwamanje ukunyuka kwesibalo sabantu abaphethwe umkhuhlane.
"Isimo lesi esizokwazi ukubhekana naso."
I-World Health Organisation iyalele izikhulu zakuleli ukuba zilindele noma yini ngokusabalala kwaleli gciwane.
Isikhulu seWHO kuleli, uDkt Shenaaz El-Halabi, sithe nakuba engekho umuntu osatholakale ukuba unalolu hlobo lwe-corona kuleli, izinto zingaguquka ngokushesha.
"Njengoba eshilo ungqongqoshe (uMotsoaledi), iNingizimu Afrika inengqalasizinda esezingeni yokuhlolela izifo iphinde iqaphe nokusabalala kwazo. Kungenzeka ukuthi njengamanje akekho osehaqekile kodwa lokho kungashintsha noma inini. Ingakho kubalulekile ukuhlala uzilungiselele."
Related Topics: