Izindaba

Umphakathi waseNquthu uvale idolobha ukhala ngamanzi

Nokubongwa Phenyane|Published

UMPHKATHI waseNquthu umise yonke into ukhala ngamanzi othi wagcina ukuwabona ephuma kompompi ngo-2016

Image: Facebook

KUME nse ukusebenza kwangavulwa ngisho izitolo edolobheni laseNquthu izolo njengoba amalungu omphakathi abeqhamuka ezindaweni ezehlukene ebhikishe ekhala ngokuntula amanzi. 

Intukuthelo abeyibhekise kuMasipala waseMzinyathi oholwa uNkk Thembisile Mchunu, naseMkhandlwini waseNquthu oholwa uMnuz Lindokuhle Shabalala.

Elinye lamalungu omphakathi abehola imashi, uMnuz Lucky Hlatshwayo, lithe kuyihlazo ukuthi kusuka ngo-2016 amanzi awaphumi kompompi okuyinto akade banxusa ukuthi isukunyelwe.

KUME nse ukusebenza edolobheni laseNquthu umphakathi ukhala ngamanzi nesimo semigwaqo. Akhale ngokuthi iqembu i-IFP lilibele ukwenza imicimbi ehlukene ngezigidi zemali okumele ngabe ilungisa ingqalasizinda

Image: Facebook

“Kusuka kwangena iNkatha kulabo masipala bobabili, asiphindanga sawabona amanzi. Yinto ebuhlungu esiphila ngaphansi kwayo. Sivale idolobha ngoba kade sikhuluma indaba yamanzi kodwa inganakwa. Kuthe uma sebezwa ukuthi sihlela le mashi bawavulela aqala ukuphuma ngoLwesine kwezinye izindawo, asephumaphi ke?” kubuza uHlatshwayo.

Uthe okubacasula kakhulu ukuthi labo masipala bobabili balibele ukwenza imicimbi engathi shu edla izigidi zemali, bayeke ukuhambisa izidingo ebantwini.

“Ngabe basebenzisa le mali abenza ngayo imicimbi yemijaho yamahhashi nezinja, ukulungisa ingqalasizinda edingwa abantu, kodwa benza izinto ezingasizi muntu. Kuke kwalethwa injini okuthiwa idle imali enguR6 million, kwathiwa intsha kodwa ibonakala ukuthi indala, yafakwa kodwa yangasebenza.

"Into abayenza bakhipha ithenda yokuhambisa amanzi emphakathini ngamaloli omunye weqembu labo, nawo abuye angawahambisi amanzi emphakathini. Imeya lena esanda kuxoshwa iyona iqembu iyona lento eyayixoshisa kuthiwa idla imali,” kuchaza yena.

Uveze ukuthi ngalo mbhikisho bakhala nangemigwaqo eminye okungahambeki kuyo ngenxa yokugugulwa imvula, kanye nokuhanjelwa ugesi.

“Nemigwaqo njengoba kusemakhaya mibi nayo kade sasinxusa ukuthi ilungiswe. Ugesi awusahambi ngokohlelo lwe-Eskom kodwa lana eNquthu uyahamba, sanxusa umasipala ukuthi usilungisele lolo daba kwathiwa kuzoyiwa eNewcastle, kwa-Eskom kuyoxoxwa nesikhulu sakhona ngalokhu naso esagcina singafiki emphakathini,” kuchaza yena.

Uthe balinde ukuthi iMeya yaseMzinyathi kube iyona ebanika isinqumo abazosithatha esizoletha isixazululo ngamanzi.

Uveze ukuthi bazobanika izinsuku eziyisikhombisa ukufeza lokho ababatshele khona uma bengazigcini izethembiso zabo bazobuyela edolobheni balivale kuze kube amanzi ayaphuma kuyona yonke imiphakathi engaphansi kweNquthu.

Uthe izimeya zombili zithembise umphakathi ukuthi ezinsukwini ezimbili noma ezintathu zizozama  ukulungisa udaba lwamanzi.

Kushaye esokushicilela abakhulumela omasipala bengaphendulanga.