Izindaba

Ufeze izethembiso kwabezikhukhula ophuma ejele

Nokubongwa Phenyane|Published

UNKSZ Sisi Manqele waseMlaza egiya ngemuva kokuthi uMbuso Zulu osanda kuphuma ejele efeza isethembiso sokusiza umphakathi wangakubo owahlaselwa yizikhukhula

Image: Sithunyelwe

UBONGE uNyazilwezulu (umholi wakwaShembe eBuhleni) enikezwa okhiye bekhaya lakhe elisha uNksz Sisi Manqele waseMlaza, owasala dengwane ngesikhathi umuzi wakhe ubhidlika kuhlasela izikhukhula ngoMashi nonyaka.

UNksz Manqele (46) ukhethwe uMbuso Zulu, odume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ngenhlangano yakhe i-Usengashintsha ayisungula esesejele.

UZulu ngokuhlanganyela nabaxhasi bakhe, bakhele lona wesifazane ohlala nendodana yakhe umuzi onamagumbi amane.

Ngesikhathi kuhlasele izikhukhula uZulu wahambela eMlaza lapho aqopha khona i-video eveza umonakalo owenzeka njengoba kwabhidlika imizi eminingi kwacekeleka phansi nempahla.

“Wakhethwa ngoba vele nginenhlangano, Usengashintsha eyakhela abantu izindlu. Sahlela nethimba esisebenza nalo ukuthi sifuna ukwakhela abantu abashaywe yizikhukhula. Sacela ikhansela ukuthi lisinike umuntu osohlwini lwabashaywe yizikhukhula labe selikhetha yena umama,” kusho uZulu.

Ngesikhathi ejabulela umuzi wakhe uNksz Manqele uphakamise igama loNyazilwezulu wathi lo muzi wawucela kulo mholi.

“Angisebenzi, ngiphila ngesibonelelo sengane nangokusiza omakhelwane ngokubawashela. Ngiyabonga kakhulu ngalesi sipho esingaka,” kusho uNksz Manqele.

UZulu uphinde wahlomulisa uMnuz Luyanda Ndlovu (25), ngezincwadi zokushayela u-code 10.

"Besinomncintiswano wokuthi sifuna umuntu esizomxhasha nabeXolani Driving School, ngelayisensi mahhala. Yena simkhethe ngokuthi akanabo abazali futhi uwumfana okuthiwa uyahlonipha kakhulu emphakathini, wawuqeda u-matric waphinde futhi wafunda ne-plumbing. Uwumfana ozimisele kodwa inkinga akanabo abazali futhi ukhuliswe isalukazi,” kusho uZulu.