Iminyango wezeMfundo nowezeMpilo KwaZulu-Natal, ithe kunenqwaba yabantu basemazweni angomakhelwane abasebenzisa izinsiza zayo.
Image: Sigciniwe
KUNENQWABA yabantu bokufika abasebenzisa izinsiza zeminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal exakwe izikweletu yize besuke bengabaliwe ngesikhathi le minyango yabelwa imali.
Iminyango wezeMfundo nowezeMpilo KwaZulu-Natal, ithe kunenqwaba yabantu basemazweni angomakhelwane abasebenzisa izinsiza zayo.
Abantu abaningi baqhamuka eSwatini naseLesotho bafunda ezikoleni baphinde basebenzise imitholampilo yakuleli esondelene nemingcele.
Lokhu kushiwo abaphahiswa bale minyango ngesikhathi bekhuluma emva komhlangano weKhabhinethi yaKwaZulu-Natal izolo.
UMphathiswa wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, uveze ukuthi kunabafundi abangu-149 000 ezikoleni zesifundazwe abangenazo izitifiketi.
UHlomuka uthe abanye babafundi abangenazo izitifiketi abasemazweni angaphandle.
Uqhube wathi abanye balaba bafundi abanazo izitifiketi, bangabokuzalwa kuleli kodwa abanazo ngenxa yokuthi abazali bahlala emadolobheni akude.
Uthe bonke abangenazo izitifiketi basuke bengabalwa ngesikhathi kwabiwa imali, wathi kodwa bayahlomula ezinsizeni zomnyango.
UMphathiswa wezeMpilo, uNksz Nomagugu Simelane, naye uthe baningi abantu bangaphandle abasebenzisa izinsiza zomnyango.
"Uma ubheka nje oPhongolo baseduze naseSwatini. Bahlukaniswe ucingo nje, ibanga elincane abalihambayo ukuze bafike kuleli. NabaseLesotho bavele baye eBergville."
Yomibili le minyango ibhekene nenkinga yemali.
UMnyango wezeMpilo ubhekene nesikweletu sika-R1.7 billion.
UMnyango wezeMfundo wona ubhekene nenqinamba yokukhokhela ngesikhathi abaphakela izikole kanye nokufaka imali yezidingo zezikole.
Othisha bakaGrade R nabo abazange bakhokhelwe ngesikhathi.
Yomibili le minyango ibhekane nolaka losomabhizinisi abangakhokhelwe ngoMsombuluko.
Osonkontileka abangakhokhelwe bavale amahhovisi oMnyango wezeMpilo, kwathi abanikazi bezinkampani eziphakela izikole bona baqhinqa emahhovisi oMnyango wezeMfundo.
Abaphathiswa bale minyango bakhale ngokuphundlwa kwesabelomali bathi ikhona okubafake kule nkinga.
UNksz Simelane uthe kule minyaka emine isabelomali somnyango siphundlwe ngo-R9 billion.
Uthe isikweletu sabo siqale ukukhula kakhulu ngoNovemba.
"Yilapho siqale khona ukubhekana nenkinga okwenza ukuthi singakwazi ukukhokha zonke izikweletu zethu."
UNksz Simelane uthe sebeqalile ukukhokhela izinkampani abazikweletayo.
"Besifisa ukukhokha zonke izikweletu ekuqaleni kuka-Ephreli, kodwa kwaba nobuhixihixi ngesikhathi uMnyango wezeziMali kuzwelonke ushintsha uhlelo olusetshenziswa iminyango kahulumeni."
UNksz Simelane uthe bazomisa ezinye izinhlelo zomnyango ukuze bezophuma kule nkinga yemali ababhekene nayo.
UHlomuka naye uthe umnyango wakhe awuzange usinde ngesikhathi kuphundlwa isabelomali kule minyaka emine eyedlule.
Uthe inkinga yemali iyona eyenza ukuthi kwesinye isikhathi umnyango wehluleke ukufaka imali yezikole.
Uqhube wathi bayayilungisa inkinga yokungakhokhelwa kwabanye babantu abaphakela izikole.
Uveze ukuthi abanye balaba bantu abaphakela izikole baletha imininingwane engaphelele.
"Abanye baletha izinto ezingasayiniwe othishanhloko."
UHlomuka uphinde wakhala ngokuthi sekukhona abantu abasebenzisa lolu daba ukulwa izimpi zezepolitiki.
Related Topics: