UBUHOLI be-ANCYL esifundeni iTheku busabisa ngokunyomfa umcimbi wokwethulwa kwesabelomali sikaMasipala waseThekwini
Image: Sithunyelwe
I-ANC Youth League (ANCYL) isabisa ngokunyomfa umcimbi wokwethulwa kwesabelomali sikaMasipala waseThekwini, njengoba ikhala ngokungabi bikho kwezinhlelo zokuthuthukisa intsha ezicacile kwisabelomali somkhandlu esihlongozwayo.
I-ANCYL esifundeni iTheku, isabise ngokuthi izogovuza intsha ukuba iphazamise umcimbi wokwethulwa kwesabelomali uma singashintshwa isabelomali esihlongozwayo.
Lolu phiko olungaphansi kwe-ANC lufuna ukuthi lo mkhandlu oholwa i-ANC, ubeke eceleni u-R100 million ozosetshenziselwa izinhlelo zokuthuthukisa intsha.
UMasipala waseThekwini unesabelomali esingu-R71.3 billion.
I-ANCYL ithe intsha ayizange ibhekelelwe kulesi sabelomali.
Lokhu ikusho esitatimendeni esikhiphe emva komhlangano okhethekile wesigungu esiphezulu kwi-ANCYL.
UNobhala we-ANCYL esifundeni iTheku, uNksz Nokulunga Khuzwayo, uthe kuyabacasula ukushaywa indiva kwentsha ezinhlelweni zoMasipala waseThekwini.
"Kulesi sabelomali esihlongozwayo esethulwe wumasipala azikho izinhlelo ezicacile zokuthuthukisa intsha. Lesi sabelomali sabo siyinhlamba kubantu abangu-60% abahlala eThekwini, okuyintsha engasebenzi futhi evaleleke ngaphandle ezintweni eziningi."
UNksz Khuzwayo uthe imenenja yomkhandlu, uMnuz Musa Mbhele nesikhulu esiphethe ezezimali emkhandlwini, uDkt Sandile Mnguni, yibona abame endleleni yentsha.
"Yibona abayizitha zethu ngoba baphikisa yonke into ezothuthukisa intsha. Sinxusa amakhansela e-ANC nawamanye amaqembu ukuba athathele laba bantu izinyathelo ngokushesha."
UNksz Khuzwayo uthe bafuna ukuthi umkhandlu ubeke eceleni u-R100 million ozosetshenziselwa izinhlelo zokuthuthukisa intsha.
"Asihlehli kule mali esiyifunayo ukuba yabelwe izinhlelo zokuthuthukisa intsha."
UNksz Khuzwayo uthe bazomisa ukusebenza komkhandlu uma izikhalazo zabo zishaywa indiva.
"Akukho mhlangano womkhandlu ozohlala. Sizogovuza abantu abasha ukuba baphume ngobuningi babo. Sizogcwala imigwaqo, endaweni yomhlangano nakuzo zonke izikhungo eziqhubekayo nokucindezela abantu abasha. Angeke sivume ukuthathwa kancane ekubeni kuyithina esibaningi eThekwini.
"Sinxusa onke amakhansela aseThekwini ukuba aphikisane nalesi sabelomali. Ikhansela elizokweseka lesi sabelomali kuzobe kusho khona ukuthi liyahambisana nokucindezelwa kwabantu abasha."
Okhulumela uMasipala waseThekwini, uNkk Gugu Sisilana, uyalele ukuba yonke imibuzo ibhekiswe kokhulumela imeya yomkhandlu, uMnuz Mluleki Mntungwa. Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela uMntungwa engakayiphenduli imibuzo ayithunyelwe.
Njengamanje umasipala umatasa nohlelo lokulalela imibono yomphakathi ngesabelomali, kanti lolu phiko luthi luyayiveza imibono yalo kulezi zigcawu.
Enye yezinto ekhalisa kakhulu abantu baseThekwini ngalesi sabelomali isiphakamiso sokunyuswa kukagesi namanzi.
Umasipala uphakamisa ukuthi ugesi unyuswe ngo-12.72%, bese kuthi amanzi wona anyuswe ngo-15%.
Isabelomali somkhandlu sizokwethulwa ngasekuqaleni konyaka wezimali womasipala oqala ngoJulayi.
Related Topics: