Izindaba

Bazothola ukuphefumula okubhajwe imali yabo ebhange Ithala

Sabelo Nsele|Published

UHULUMENI waKwaZulu-Natal namaqembu ezepolitiki ashayele ihlombe isinqumo senkantolo esivumela ibhange Ithala ukuba liqhubeke nokusebenza.

Image: DOCTOR NGCOBO/Independent Newspapers

UHULUMENI waKwaZulu-Natal namaqembu ezepolitiki ashayele ihlombe isinqumo senkantolo esivumela ibhange Ithala ukuba liqhubeke nokusebenza.

Iminyango kahulumeni waKwaZulu-Natal eyehlukene namaqembu ezepolitiki athe ukuvunyelwa kweThala ukuba liqhubeke nokusebenza kuzokhulula emaketangeni izinkulungwane zabantu obekubhajwe imali yazo kuleli bhange.

NgoLwesihlanu, iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ivumele Ithala ukuba liqhubeke nokusebenza.

Ukusebenza kweThala ilokhu kwama nse ngoFebhuwari, emva kokuba uhlaka olungaphansi kwebhange loMbuso, iPrudential Authority (PA), lufake isicelo sokuba kuvalwe leli bhange.

Njengoba bekumile ukusebenza kwebhange, amakhasimende aseThala angaphezu kuka-250 000 abengakwazi ukukhipha imali yawo, nabasebenzi basebhange bebengaholi.

IJaji uThomas Ncube linqume ukuthi loyo owaqokwa yi-PA ukuba aqaphe ukusebenza kweThala, uMnuz Johannes Kruger, akanawo amandla okumisa ukusebenza kwebhange.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe bazothola ukuphefumula abantu okubhajwe imali yabo eThala.

"Lesi sinqumo sizosinikeza ithuba lokuba sililungise kahle udaba lweThala njengoba sifuna ukuthi ibhange liqhubeke nokusebenza. Ithala libalulekile kakhulu emnothweni waKwaZulu-Natal."

UMphathiswa wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rogders, uthe kade babexwayisa ngokuthi uKruger uyagagamela.

URodgers uthe mkhulu umonakalo osudalwe yizenzo zikaKruger.

"Kubuhlungu kakhulu lokhu ngoba sonke siyazi ukuthi Ithala lisiza kakhulu abantu okungelula ukuthi bathole usizo kwamanye amabhange. Uhulumeni wokubambisana ophethe KwaZulu-Natal, uzoqhubeka nokulwa nemizamo yokuphazamisa ukusebenza kweThala."

UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, uthe isinqumo senkantolo sizoqinisekisa ukuthi Ithala liyaqhubeka nokusebenza.

Okhulumela i-IFP, uMnuz Mkhuleko Hlengwa, uthe kwakungafanele kwasekuqaleni ukuba kumiswe ukusebenza kweThala.

"Lesi sinqumo siphazamise impilo yezinkulungwane zabantu saphinde sabeka engcupheni inqwaba yamabhizinisi."

UHlengwa uthe bazoba yingxenye yezinhlaka ezilwela ukuba Ithala liqhubeke nokusebenza.

Usihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Twala, uthe isinqumo senkantolo sizothumela umyalezo oqinile kuzo zonke izinhlaka ezilwisa izinhlangano ezisiza abantu abamnyama.

UTwala uthe basamile ekutheni Ithala lijeziselwa ukuthi lisiza abantu abamnyama.

Ithala aliphumile ngokuphelele obishini njengoba kusazolalelwa isicelo sokuba livalwe.

Nakuba leli bhange livunyelwe ukuqhubeka lisebenze kodwa alivumelekile ukuba liqhubeke nokwamukela imali yamakhasimende afuna ukulondoloza imali yawo kuleli bhange.