Izindaba

Bayaziqhenya abaseKZN ngokuzovela kwiShaka Ilembe

Nokubongwa Phenyane|Published

 ZIYAZIQHENYA izinsizwa zaKwaZulu-Natal, ezithe zingena emkhakheni wokulingisa zahlonishwa ngezindawo eziphezulu emkhakheni wokulingisa. 

UWiseman Mncube noThembinkosi Mthembu bathi ukunikwa izindawo zamaKhosi aKwaZulu, kwiShaka Ilembe, yikhona okubenza bathobeke.

UWiseman ulingisa indawo kaZwide, uThembinkosi alingise indawo kaDingiswayo. UThembinkosi uthe ngeke indawo yakhe ishintshe kakhulu uma kuziwa kwebonakale kwisizini yokuqala.

ABALINGISI beShaka Ilembe, oWiseman Mncube, Lemogang Tsipa noThembinkosi Mthembu

Image: Sibonelo Ngcobo/Independent Media

"Siyabonga ngokuthola uxhaso olungaka ekhaya. Singabafana abaneminyaka endimeni yokulingisa kodwa sesenze umlando. UDingiswayo uzoqhubeka ebonakala efuna ukubuyisa ubukhosi aphucwa bona. Futhi kuzobonakala engena kwezothando nabanye besifazane. Kuzoba isizini egcwele igazi nezimpi ngakho ngithi kuzoba nzima kakhulu kodwa abantu bazoyithakasela le sizini inkulu kunalena edlule," kusho uThembinkosi.

UWiseman uthe uZwide uzobonakala ekhulile kunangesizini edlule, njengoba esezele nezingane.

"Ubudlelwano bukamama kaZwide uNtombaze (Khabonina Qubeka) buzokhula kakhulu ngakho nami ngizohamba emazwini kaThembinkosi ukuthi ibe nkulu kakhulu le sizini ezoqala, abantu bazobona umlando ongeke ucishe kalula emiqondweni yabo," kuchaza uWiseman.

UFanele Zulu noLungani Mabaso abangabanye abazogqama kule sizini baveze ukuthi bona okubadonse amehlo ukulingisa nabantu abaningi, okuyinto engakaze yenzeke kubo.

Abezindaba bakhonjiswe amanye amazwibela alo mdlalo okucace bha ukuthi uzoqhubeka udonse izinhlanga zabantu abahlukene kuleli.

Le sizini yesibili izolandelwa eyesithathu lapho abakwaMultichoice bathe iyobe isigqamisa ukuthi bafika kanjani abelungu kuleli. Abanye abalingisi abasha abazobonakala uMelusi Mbhele no-Andile Xhakaza.

Okunye okuvelile kulesi sikhangiso ukuthi kuzogqama izizwe zamaXhosa namaSwati.