Izindaba

UMalema ukhwele wadilika ebuholini be-EFF eKZN

Sabelo Nsele|Published

Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ugxeke ubuholi beqembu esifundazweni iKwaZulu-Natal

Image: Sigciniwe

BUZULELWA ngamanqe ubuholi be-EFF esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Umholi weqembu, uMnuz Julius Malema, ukhwele wadilika ebuholini benhlangano kulesi sifundazwe.

UMalema uthe ubuholi be-EFF KwaZulu-Natal abukhombisi nakancane ukulwela ukuthi leli qembu lingaphinde liphenduke ihlazo okhethweni lohulumeni basekhaya oluzokuba ngonyaka ozayo.

Lokhu kuqukethwe enkulumeni kaMalema ayethule emhlanganweni wesigungu esiphezulu se-EFF, eLimpopo.

Le nkulumo kaMalema inamekwe kuzo zonke izinkundla zokuxhumana ze-EFF.

I-EFF ayenzanga kahle esifundazweni iKwaZulu-Natal okhethweni lukazwelonke olwalungonyaka owedlule.

Njengamanje i-EFF isele namalungu amabili vo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, ngaphambi kokhetho yayinamalungu ayisishagalombili.

Yize uMalema ebuncomile ubuholi be-EFF ezifundazweni eziningi, ukhalile kakhulu ngobasesifundazweni iKwaZulu-Natal.

"Ngithi angiphinde futhi ngizwakalise ukungenami kwami ngobuholi baKwaZulu-Natal. Ngokubuka kwami, indlela abasebenza ngayo ayikhombisi ukuthi banokuzisola. Ngathi abanendaba neyokuthi asenzanga kahle okhethweni lwangonyaka owedlule. Ayikho nje into abayenzayo esiyibonayo."

UMalema uthe ubuholi be-EFF KwaZulu-Natal buyahluleka ukusukumela izinto ezithinta abantu bakulesi sifundazwe.

"Abasho lutho ngezinto okukhulunywa ngazo kakhulu. Bazithulele nje abasho lutho ngodaba lokuvalwa kwebhange Ithala. Ithala lisetshenziswa inqwaba yabantu KwaZulu-Natal ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya."

UMalema uthe imiphumela yezinketho zokuchibiyela esibe khona esifundazweni iKwaZulu-Natal kusukela kwadlula ukhetho lwangonyaka owedlule, ikhombisa ukuthi iqembu alikhuli.

I-EFF ijwayele ukuba ukudla kwenduku ezinkethweni zokuchibiyela njengoba ijwayele ukuthola amavoti amancane.

Ezinkundleni zokuxhumana kuyaye kuhlekiswe ngayo i-EFF njengoba kwezinye izikhungo iyaye ithole amavoti angaphansi kweshumi.

"Kuyasikhathaza ukuthi iqembu liyaqhubeka nokuthola amavoti amancane. Kuyasikhathaza ukuthi ayikho into ebambekayo eyenziwayo ukuzama ukukhulisa iqembu."

UMalema uthe ufuna incazelo egcwele ukuthi yini eyenziwa ubuholi beqembu KwaZulu-Natal, waxwayisa ngokuthi iqembu lizophenduka isilo sengubo okhethweni lwangonyaka ozayo uma udaba laKwaZulu-Natal lungasukunyelwa ngokushesha.

"Kufanele sichazelwe ukuthi yini eyenziwayo ukukhulisa iqembu KwaZulu-Natal. Zonke izinkomba zikhombisa ukuthi sizokwehlelwa isimo esifanayo okhethweni lwangonyaka ozayo uma singasukumi ngokushesha."

Ubuholi be-EFF KwaZulu-Natal baqokwa ngasekupheleni kuka-2022.

Usihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Thwala kuthi unobhala kube uMnuz Nkululeko Ngubane.

Emva kokhetho lwangonyaka owedlule kwake kwaba khona ikhwelo lokuba buhlakazwe lobu buholi kodwa kwaba uyena oMalema othi asikho isidingo sokuthi buhlakazwe.