Izindaba

Izofakelwa izibuko eyezinyanga eziqinisa izigebengu eKZN

Sabelo Nsele|Published

UMPHATHISWA wezokuThutha, uMnuz Siboniso Duma, noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, belumana indlebe emhlanganweni wokubhunga ngobugebengu

Image: Zandile Shange/Ihhovisi likandunankulu waKwaZulu-Natal

IZOFAKELWA izibuko eyezinyanga KwaZulu-Natal, eziqinisa izigebengu eziyingxenye yobelelesi obudla lubi esifundazweni. 

Kuzokuba nomhlangano wabelaphi bendabuko KwaZulu-Natal lapho izobhekisiswa ngeso elibanzi indaba yabelaphi abasiza izinswelaboya. 

Lokhu kuvezwe undunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba. 

UNtuli usanda kuba nomhlangano wokubhunga ngobugebengu lapho abelaphi bendabuko bezivumele khona ukuthi nabo banesandla ekubhebhethekeni kobugebengu esifundazweni.

"Abelaphi bendabuko bazivumele bona ukuthi banesandla ekubhebhethekeni kodlame. Bashilo ukuthi ezinye izigebengu ziyafika kubona, bazigcabe."

UNtuli uthe lezi zilelesi eziqiniswa yizinyanga, zigcina sezisebenzisa indluzula, kwesinye isikhathi zigcine zidubulana namaphoyisa ngoba nakhu zinenkolelo yokuthi ngeke zidubuleke.

IKHABHINETHIi yaKwaZulu-Natal eholwa nguNdunankulu uMnuz Thami Ntuli esithangamini nabezindaba izolo

Image: Facebook

"Abanye baba nenkolelo yokuthi uma begcabile ngeke baze badubuleke. Lena yinkolelo nje. Izinyanga zinikeza abantu amandla abangenawo."

UNtuli uthe umhlangano wabelaphi bendabuko wokubhunga ngalolu daba uzokuba khona maduze.

"Abelaphi bendabuko bazicelele bona ukuba nomhlangano walolu hlobo, lapho  bezokhuluma kabanzi ngalolu daba. Sizowuhlela lo mhlangano ngoba siyakholelwa ukuthi uzolekelela kakhulu emkhankasweni wokulwa nobugebengu esifundazweni."

Umelaphi wendabuko oke waphatha inhlangano yabelaphi, uMnuz Sazi Mhlongo, uthe inkinga enkulu idalwa wukuthi ayikho imithetho elawula ukusebenza kwabelaphi bendabuko.

"Silinyazwa kakhulu wuMnyango wezeMpilo. Umnyango kufanele ugcobe umkhandlu wabelaphi bendabuko ozokwazi ukuvakashela izigodlo. Le mpi sesiyilwe iminyaka engu-15. Abelaphi bendabuko nabo kufanele babe nemigomo abayibekelwe. Othisha namanesi banemigomo abayibekelwe njengoba besebenza. Yingakho ngithi sifuna ukuthi kube nomkhandlu ozoqapha ukusebenza kwezinyanga ukuze sazi ukuthi la bantu bangabelaphi ngempela noma  bangabathakathi."

UMhlongo uthe baningi abelaphi abangayilandeli imigomo.

"Kukhona abelaphi mbumbulu njengoba kukhona nabefundisi mbumbulu. Abelaphi mbumbulu yibona abasifaka kule nkinga yokusiza izigebengu. Abanye babo bayizigebengu njengoba kukhona namaphoyisa ayizigebengu."

UMhlongo uphinde wakhala nangoqhibukhowe bezinhlangano zabelaphi bendabuko.

"Kufanele kube nenhlangano eyodwa yabelaphi bendabuko. Lapha eNingizimu Afrika kunenqwaba yezinhlangano zabelaphi bendabuko. Ezinye zalezi zinhlangano ziphethwe emazweni angaphandle. Umuntu umuzwa ethi eyami inhlangano iphethwe eMalawi. "