Izindaba

I-SACP nemizamo yokuqomisa amakhosi

Sabelo Nsele|Published

I-SACP ibambe umhlangano nabaholi bomdabu njengoba ilungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya

Image: Facebook/ SACP

AMAKHOMANISI azama ukuqomisa abaholi bomdabu ukuba baseke umbono wawo wokungenela ukhetho lohulumeni basekhaya lwangonyaka ozayo.

I-SACP ibambe umhlangano omqoka nobuholi benhlangano yamakhosi, iContralesa, ngempelasonto.

IContralesa ibimelwe ngabaholi bayo abaphezulu kulo mhlangano okubalwa kubo noMengameli wayo, iNkosi Mathupha Lameck Mokeona.

Kuzokube kungokokuqala ukuba iSACP ingenela ukhetho ngokuzimela njengoba ihlezi yeseka i-ANC uma kunokhetho. Njengoba ukhetho lwangonyaka ozayo selusondele, i-ANC isiqalile ukubamba imihlangano nezinhlaka zomphakathi lapho izama khona ukunxenxa amavoti.

Nakuba iSACP neContralesa kukhona abavumelane ngakho emhlanganweni wangempelasonto kodwa abazange bavumelane ngodaba lwangokhetho oluzayo.

UNobhala wamaKhomanisi, uMnuz Solly Mapaila, uthe bavumelane ngokubambisana ekulweleni izinto ezithinta abantu abamelwe yizinhlangano zabo kodwa wathi basazoqhubeka nokuluxoxa udaba lokungenela kweSACP ukhetho.

"Okwamanje into esivumelane ngayo ukuthi sizobambisana ekulweleni izinto ezithinta abantu abamelwe yizinhlangano zethu. Ukusebenzisana kwethu akunamibandela ebekiwe yokuthi kuzofanele mhlawumbe baseseke okhethweni. Siyazi ukuthi abaholi beContralesa kufanele baqale baluxoxe bebodwa udaba lokungenela kweSACP ukhetho."

UMapaila uthe bavumelane ngokuthi bazosebenzisana emkhankasweni wokulwela ukubuyiswa komhlaba.

UMapaila uthe udaba lomhlaba lubalulekile kodwa wakhala ngokuthi babona uhulumeni engalunakile.

UNobhala Jikelele weContralesa, uZolani Mkiva, uthe bafuna kube nengxoxo ebanzi ezweni ezoxazulula udaba lo mhlaba.

UMkiva uthe sekukaningi uhulumeni oholwa yi-ANC uthembisa ukusombulula udaba lomhlaba kodwa kuze kube manje kusenomdonsiswano.

"Uma uzobuka kahle, kukhona umhlaba ongaphansi kwamakhosi. Lo mhlaba ungaphansi kwamakhosi nje ngegama, ngokomthetho ungaphansi kukaNgqongqoshe (wezoMhlaba). Sekunesikhathi eside i-ANC ithembisa ukuthi izoyilungisa le nkinga. Sesibekezele kwanela, ingakho sifuna ukuba kube nengxoxo ezoxazulula lolu daba. Sifuna ukuthi umhlaba ubuyiselwe kubanikazi bawo."

Zombili lezi zinhlangano zithe aziwamukeli uhulumeni wokubambisana ophethe izwe, zathi  ukufakwa kwe-DA kuhulumeni wokubambisana kuzonciphisa izinhlelo zikahulumeni ezithuthukisa abantu abamnyama.

Zikhale ngokwanda kobugebengu okubalwa kubo ukubulawa kwabaholi bomdabu njengoba bengu-52 abasocongwe KwaZulu-Natal.

Lezi zinhlangano ziphinde zagxeka imizamo kahulumeni yokunyusa intela eyengezwa empahleni ethengwayo.