UMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, uchaze ngohlelo lokulungiswa kwengqalasizinda ezikhungweni zempilo
Image: Sigciniwe
UMPHATHISWA wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane, uvumile ukuthi bayazazi izinkinga zengqalasizinda ezikhungethe izikhungo zempilo zakulesi sifundazwe kodwa wathi ukungabi nayo imali eyanele kwenza kube nzima ukuthi balungise zonke lezinkinga njengokufisa kwabo.
UNksz Simelane uthe banalo uhlelo lokulungisa zonke izinkinga ezisezikhungweni zezempilo, futhi bayazi ukuthi iziphi izinto ezidinga ukulungiswa.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emva komhlangano wekhabhinethi laKwaZulu-Natal.
Kuhlezi kunezikhalazo ngokunganakekelwa kwengqalasizinda kwezinye izikhungo zezempilo zaKwaZulu-Natal.
Umbiko owethulwa umnyango esiShayamthetho nyakenye waveza ukuthi ziningi izinto okufanele engabe sezilungisiwe ezikhungweni zempilo ezingalungisiwe ngenxa yenkinga yemali.
Umnyango wathi udinga imali ephakathi kukaR14 billion noR21 billion ukuze ulungise zonke izinkinga okufanele engabe kade zalungiswa, wathi kudingeka uR2.8 billion minyaka yonke ukulungisa ingqalasizinda yasezikhungweni zempilo.
UNksz Simelane uthe kuyaqhubeka ukulungiswa kwengqalasizinda kwezinye izikhungo zezempilo.
"Sinalo uhlelo lokulungisa ingqalasizinda kuzo zonke izikhungo zezempilo. Siyazi ukuthi iziphi izinkinga ezikhona kuzo zonke izikhungo zezempilo. Siyazi ukuthi yini okufanele ilungiswe kuzo zonke izibhedlela. Kuyenzeka ke kwesinye isikhathi kungenzeki ngale ndlela esisuke sifisa ngayo ngenxa yokuthi asinayo imali eyanele. Kodwa lokho akusho ukuthi asinalo uhlelo lokulungisa izibhedlela."
UNksz Simelane uthe njengengxenye yalolu hlelo lokulungisa izikhungo zezempilo basanda kuqala umsebenzi wokulungisa isibhedlela iNorthdale, esiseMgungundlovu.
Lesi sibhedlela sinenkinga yokuvuza kophahla.
UNksz Simelane uthe kufanele engabe kade lwaphothulwa uhlelo lokulungisa iNorthdale.
"Kwaba nenkinga yokuthi inkampani eyayinikezwe umsebenzi wokulungisa isibhedlela yashiya phakathi, yathi ayikwazi ukuqhubeka nomsebenzi. Lokhu kwasiphoqa ukuba siqale phansi uhlelo lokuthungatha inkampani ezoqhubeka nomsebenzi. Kuqalelile emasontweni amabili edlule ukulungiswa kwesibhedlela."
INorthdale isanda kuba semehlweni abantu emva kokusabalala kwezithombe zezisebenzi zakulesi sibhedlela zipheka ukudla kweziguli emlilweni.
Lokhu kwenzeka emva kokuhamba kukagesi kanye nokuhluleka kwama-generator ukusebenza ngesikhathi kuhambe ugesi.
Emva kwalesigameko uNksz Simelane wathi bazothathelwa izinyathelo labo abathatha isinqumo sokuthi ukudla kweziguli kuphekwe emlilweni, wathi umgomo womnyango uthi ukudla kufanele kulandwe esibhedlela esiseduze uma kuhambe ugesi.
"Amagenerator asezikhungweni zezempilo ayahlolwa njalo ukuthi asasebenza yini. Kusho ukuthi kukhona umuntu ongazange awenze umsebenzi wakhe wokuhlola ukuthi wonke ama-generator asasebenza yini. Sifuna nokwazi ukuthi kungani abaphathi besibhedlela bengazange balusukume udaba lokungasebenzi kwe-generator, kwaze kwasukuma izikhulu zomnyango ukuze kube iyalungiswa i-generator."
Related Topics: