Izindaba

Owezinkunzi zaseSoweto uzongenisa izigidi emnothweni waseThekwini

Sabelo Nsele|Published

UMPHATHISWA wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, uthe umdlalo wezinkunzi zaseSoweto uzokufukula umnotho waseThekwini ngezigidi zamaRandi

Image: Sigciniwe

BAHLEKA bodwa abanikazi bezindawo zokungcebeleka eThekwini njengoba kulindeleke ukuthi abalandeli bebhola abazobuka umdlalo wamanqamu ophakathi kwezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, basebenzise izigidi zamaRandi kuleli dolobha.

UMphathiswa wezokuThuthukiswa koMnotho KwaZulu-Natal, uMfu Musa Zondi, uthe umdlalo wamanqamu eNedbank Cup ufake u-R24 million emnothweni waseThekwini.

Amakhosi nezikaMagebhula bazotholana enkundleni iMoses Mabhida, kusasa.

UZondi uthe kuzokube kuphithizela eThekwini ngenxa yalo mdlalo weNedbank Cup.

"Abanye abantu bangathatha nje sengathi wumdlalo webhola nje kuphela. Iqiniso ukuthi lo mdlalo uzolekelela ukufukula ezokuvasha kanye nomnotho. Uma ubala imali ezongena emnothweni waseThekwini kule mpelasonto, iningi kakhulu uma uyiqhathanisa nemali engenayo uma kuyizimpelasonto nje."

UZondi uthe kuzohlomula kakhulu abaqashisa ngezindawo zokulala kanye nabanezindawo zobumnandi.

"Laba abasihlanganisela izibalo bathi abantu abazohambela eThekwini kule mpelasonto ngeke basebenzise imali engaphansi kuka-R24 million. Lapha kubalwa abantu abazokuba sezindaweni zokudla, ezobumnandi kanye nasenkundleni."

UZondi uthe izindawo zokulala eziningi eziseThekwini sezigcwele.

"Uma uthi ufuna indawo yokulala bakutshela ukuthi khohlwa. Indawo usungaze uyithole le kude. Isasasa likhulu kakhulu njengoba abantu beqhubeka nokubekisa izindawo zokulala."

UZondi ugqugquzele ukuziphatha kahle kulabo abazobe behambele umdlalo, wanxusa nokubambisana nezinhlaka zokuphepha.

UZondi uthe kulihambela kahle iTheku kwezokuvakasha kulezi zinsuku njengoba eveze ukuthi kunemihlangano emibili ekuleli dolobha, ezohanjelwa abantu abaqhamuka emazweni angaphandle.

Uthe kunomhlangano wongqongqoshe bamazwe angaphansi kweG20 okule mpelasonto.

"Lo mhlangano omkhulu uzodonsa izinsuku ezine. Uzohanjelwa ongqongqoshe abaqhamuka emazweni angu-20. Ongqongqoshe abahambi bodwa kodwa bahamba nabeluleki babo."

UZondi the ngesonto elizayo kuzoba ne-Africa Travel Indaba.

"Lokhu kusho ukuthi kuzokuthi kuphuma labo abebeze emhlanganweni weG20 kanye nalabo bebhola, bese kungena abaze kwi-Tourism Indaba. Ngingasho nje ukuthi kulihambela kahle iTheku kwezokuvakasha njengoba isibalo sezivakashi sinyuke ngo-100 000 ngamaholidi ePhasika uma siqhathanisa nangonyaka owedlule. Nangamaholidi kaDisemba nakhona senyukile isibalo sabantu abavakashele eThekwini. Kubalulekile ukuthi umnotho weTheku siwufukule ngoba uma kungawa iTheku sonke isifundazwe singaguqa."