UMphathiswa wezeMpilo KwaZulu-Natal uNksz Nomagugu Simelane, umnyango wakhe okweleta osomabhizinisi uR1.7 billion
Image: SIGCINIWE
KUVELA ukuthi unesikweletu sikaR1.7 billion uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, osanda kubhikishelwa osomabhizinisi abebebasela izikweletu zabo.
Lokhu kuhlaluke empendulweni yoMphathiswa woMnyango, uNksz Nomagugu Simelane, lapho ebephendula khona umbuzo welungu le-DA esiShayamthetho s, uMnuz Tim Brauteseth.
Kule mpendulo, uNksz Simelane uthe le sikweletu esangonyaka wezimali owedlule, wathi bazosikhokha uma sekungene isabelomali somnyango salo nyaka wezimali.
NgoMsombuluko osomabhizinisi abangakhokhelwe bavale amahhovisi omnyango aseMgungundlovu, bafuna ngoshova imali abayikweletwa wumnyango.
Impendulo kaNksz Simelane iveze ukuthi kule sikweletu kunemali esihlale isikhathi eside ingakhokhwa.
Isikweletu umnyango osuhlale naso izinsuku ezingaphezulu kuka-90 singuR71 million, ukweleta izinkampani ezingu-1 519.
Isikweletu umnyango osuhlale naso izinsuku eziphakathi kuka-60 kuya ku-90 singuR1.3 billion, ukweleta izinkampani ezingu-562.
Isikweletu umnyango osuhlale naso izinsuku eziphakathi kwezingu-30 nezingu-60 singuR66 million.
Ngokomthetho kahulumeni zonke izikweletu kufanele zikhokhwe zingakapheli izinsuku ezingu-30.
UNksz Simelane uthe bayaye bezame ukukhokha zonke izikweletu zingakapheli izinsuku ezingu-30.
"Inkinga yemali esibhekene nayo yenze sangakwazi ukukhokha ngesikhathi. Zonke izikweletu zizokhokhwa kuwo lo nyaka wezimali."
Okhulumela i-DA kwezeMpilo ophinde abe usihlalo wekomiti lezeMpilo esiShayamthetho, uDkt Imran Keeka, uthe izinkampani ezisafufusa yizona ezishayeke kakhulu ngale simo esiqhubeka emnyangweni.
"Okuqaphelekayo wukuthi umnyango uyaye uthathe imali okufanele engabe ikhokhela abanye abantu, ukhokhele ngayo ezinye izikweletu. Lokhu kwenze ukuthi izinkampani eziningi zingakhokheleki ngesikhathi. Ngeshwa sibonile ngoMsombuluko abanikazi bezinkampani ezikweletwa wumnyango behlangene emahhovisi omnyango."
UKeeka uthe ukuqalwa phansi kwesabelomali kuzokwenza ukuthi kubambezeleke ukukhokhelwa kosomabhizinisi.
UNgqongqoshe wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, uzophinde ethule isabelomali ngoMeyi 21, bese kulandela izifundazwe.
"Kuyoze kucace kahle uma sekwethulwe isabelomali sesifundazwe."
UKeeka uthe bazoqhubeka nokuqapha ukusebenza kwemali yomnyango.
"Sizofuna ukuthi umnyango ulokhu usinikeza imibiko yokusebenza kwemali njalo emva kwezinyanga ezine. Sizophinde sifune nemibiko yokusebenza kwemali yasekupheleni konyaka. Okwamanje kunzima ukuthola le mibiko kodwa ngeke siphele amandla."
Obehola umbhikisho wosomabhizinisi abangakhokhelwe, uMnuz Zethembe Ngcongo, uthe umnyango ubatshelile ngalesi sikweletu.
UNgcongo uthe umnyango ubatshele ukuthi awunayo imali yokubakhokhela bonke.
"Isikhulu sezimali emnyangweni (uMnuz Khothamani Vilakazi) sisitshele ukuthi imali ekhona yokukhokhwa kwezikweletu ngu-R1.2 billion. Asazi ukuthi bazokhokhela abanjani, bayeke abanjani."
Related Topics: