UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uhlangane nobuholi be-ANC KwaZulu-Natal
Image: Sigciniwe
UNOBHALA jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uthe ujabule ngobuholi obusha be-ANC KwaZulu-Natal, yize le nhlangano iqhubeka nokuphikwa yizinto okhethweni lokuchibiyela olube kulesi sifundazwe kusukela kwaqokwa ubuholi obusha.
UMbalula uthe ikhona inhlasi yethemba lokuthi izinto zizoshintsha KwaZulu-Natal yize behluliwe okhethweni lokuchibiyela oselube khona esifundazweni kusukela kwaqokwa ubuholi obusha.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngaphambi komhlangano wakhe nobuholi be-ANC KwaZulu-Natal, obuyizolo, eThekwini.
Ubuholi be-ANC obusha baKwaZulu-Natal obuholwa yizingwevu okukhona kuzo uMnuz Jeff Radebe noMnuz Mike Mabuyakhulu, baqokwa ngoFebhuwari.
I-ANC ilahlekelwe amawadi amathathu okhethweni lokuchibiyela eselube khona KwaZulu-Natal kusukela i-ANC yaqoka ubuholi obusha.
Ngaphansi kobuholi obusha besifundazwe i-ANC ilahlekelwe amawadi kuMasipala waseRichmond, owaKwaDukuza kanye nowaseMandeni.
Wonke la mawadi athathwa yiqembu eliholwa owayengumengameli we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma, iMK.
Ngaphansi kobuholi obusha i-ANC ithathe iwadi ebiphethwe yi-IFP kuMasipala wasoPhongolo.
UMbalula uthe ikhona inhlansi yethemba elethwa ubuholi obusha.
"Kukhona okuhle esikubonayo kusukela kwangena ubuholi obusha. Angisho ukuthi konke kuhamba kahle. Kuningi abakwenzile kulesikhathi esifishane. Imiphumela yokusebenza kwabo ngokuzikhandla izobonakala ngokuhamba kwesikhathi. Ngalokho angisho ukuthi konke kuhamba kahle. Ngiyavuma ukuthi kukhona lapho sihlulwe khona.
"Kukhona amawadi asilahlekele athathwe abantu abahlubuke kwi-ANC. Amanye amawadi abephethwe i-ANC, athathwe amanye amaqembu aphikisayo. Kodwa akuyona i-ANC kuphela elahlekelwe. Nathi sikwazi ukuthatha amawadi abekade ephethwe amanye amaqembu ezepolitiki. Ukuza kwethu lapha asizile ukuzogxeka, kodwa sizokwelekelela abaholi abaphethe isifundazwe."
UMbalula uthe bakhathazekile ngokulahlekelwa amawadi kodwa wathi banethemba lokuthi bazokwazi ukuyinqoba le ngqinamba.
UMbalula uthe kubalulekile ukuthi i-ANC KwaZulu-Natal ivuke izithathe njengoba kubhekwe okhethweni lohulumeni basekhaya oluzokuba ngonyaka ozayo.
"Ukhetho oluzayo luzoba nzima. Asizange senze kahle lapha KwaZulu-Natal okhethweni olwedlule. Siyakuvuma ukuthi sathola u-17% okhethweni. Yingakho sakhetha ukuhlela kabusha ubuholi be-ANC esifundazweni ngoba sasifuna abantu abazokwakha kabusha i-ANC. I-ANC yehlelwe yisithunzi lapha KwaZulu-Natal."
Related Topics: