Isikhulu esiphezulu enhlanganweni eyangamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), uMnuz Sy Mamabolo ekhuluma nabezindaba, izolo
Image: FACEBOOK/IEC
NGEKE kuvotwe ngezobuchwepheshe okhethweni lohulumeni basekhaya oluzoba ngonyaka ozayo.
Inhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), ithe kuzothatha isikhathi ukuba kushintshwe indlela yokuvota bese kuvotwa ngezobuchwepheshe.
Lokhu ikusho ngesikhathi inesithangami nabezindaba, izolo, lapho ibichaza khona ngamalungiselelo okhetho oluzayo.
I-IEC isanda kuba nengqungquthela lapho bekuxoxwa khona ngokuqhamuka nendlela yokuvota ngezobuchwepheshe.
Nakuba isikhulu esiphezulu kwi-IEC, uMnuz Sy Mamabolo, sithe ingqunguthela yaba yimpumelelo, sithe ayikezukushintshwa manje indlela yokuvota.
"Kubalulekile ukuba ngikuveze ukuthi asikasithathi isinqumo ngodaba lokuvota ngezobuchwepheshe futhi asiyicabangi kwakuyicabanga eyokuthi kungase kuvotwe ngezobuchwepheshe okhethweni oluzayo."
I-IEC izovula ithuba lezinyanga eziyisithupha ukuba abantu bakuleli babeke imibono yabo ngodaba lokuvota ngezobuchwepheshe.
"Uhlelo lokuthatha ukuphawula komphakathi luzovalwa ngoSepthemba. Emva kwalokho kuyokube sekubhekwa iziphakamiso, kulungiswe umqulu ozovotelwa ePhalamende."
UMamabolo uthe balinde uNgqongqoshe wokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ukuba aqoke usuku lokhetho lohulumeni basekhaya.
Ukhetho oluzayo kubhekwe ukuthi lube ngasekupheleni kuka-2026 noma ekuqaleni kuka-2027.
UMamabolo uthe namanje isabakhathaza eyesibalo esincane sabantu abasha ababhalisela ukuvota.
UMamabolo uthe nakuba sikhula njalo isibalo sentsha eNingizimu Afrika incane kakhulu ebhalisela ukuvota.
UMamabolo uveze ukuthi kunamaqembu epolitiki angu-609 kuleli, wathi amaqembu angu-53 azokhishwa ohlwini.
"NgoFebhuwari kulo nyaka sazisa amaqembu angu-192 ukuthi sihlela ukuwakhipha ohlwini lwamaqembu abhaliswe ngokusemthethweni. Amaqembu angu-136 enza izethulo zokuthi kungani kufanele angakhishwa ohlwini lwamaqembu abhalisiwe, kwathi amathathu azicelela wona ukukhishwa."
UMamabolo uthe iSACP iyingxenye yamaqembu enze izethulo zokuthi kungani kufanele ingakhishwa ohlwini lwamaqembu abhalisiwe.
UMamabolo uveze ukuthi amaqembu angu-20 ameleleke ePhalamende azohlukaniselana u-R335 million kulo nyaka.
"Le mali izocazwa ngokobukhulu bamaqembu ezepolitiki. Le mali izolokhu ikhishwa ngezigaba ezahlukene."
UMamabolo uveze ukuthi sehlile isibalo samaqembu adalula abantu abawaxhasayo uma kuqhathaniswa nangesikhathi kubhekwe okhethweni lukazwelonke obelungonyaka odlule.
UMamabolo uthe sehlile kakhulu isibalo samaqembu adalula abantu abanikela kuwo ngemali engaphezu kuka-R100 000 njengoba kusho umthetho.
Related Topics: