UMNUZ Vukani Ndlovu uqokelwe kwesikaNobhala we-EFF KwaZulu-Natal
Image: Facebook/EFF
BADLIWE yizembe abaholi abaqavile be-EFF KwaZulu-Natal ngesikhathi kwenziwa izinguquko ebuholini besifundazwe.
Isolezwe lithole ukuthi ibhantshi ligcwale umoya kunobhala waleli qembu esifundazweni, uMnuz Nkululeko Ngubane, kanye nakuMgcinimafa, uMnuz Chuma Wakeni.
Isinqumo sokwenza izinguquko ebuholini baKwaZulu-Natal sithathwe emhlangaweni wesigungu esiphezulu kwi-EFF obungempelasonto.
UNgubane noWakeni baqokelwa kulezi zikhundla engqungqutheleni eyayingasekupheleni kuka-2022.
Bobabili bake baba amalungu esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uNgubane uke waba nayiphini lemeya kuMasipala waseMhlathuze.
UWakeni yena waduma kakhulu ngesikhathi yemibhikisho yezitshudeni zasezikhungweni zemfundo ephakeme zokufuna imfundo yamahhala, njengamanje uyilungu lesigungu esiphezulu kuMasipala waseMsunduzi.
Umthombo uthe bekunesiphakamiso sokuba kuhlakazwe bonke ubuholi be-EFF KwaZulu-Natal kodwa kwagcina kuvunyelwene ngokuthi kwenziwe lezi zinguquko kuphela.
Uqhuba umthombo uthe umhlangano ube usuqoka abaholi ababili abazongena ezikhundleni.
Kwesikanobhala kuqokwe uMnuz Vukani Ndlovu, kwathi kwesikamgcinimafa kwakhethwa uMnuz Ncedo Njenga.
UNdlovu wayekade engenele umbango wesikhundla engqungqutheleni eyedlule, kodwa wangaphumelela.
UNdlovu akamusha ebuholini be-EFF KwaZulu-Natal njengoba eke waba yilungu lesiShayamthetho, njengamanje uyikhansela kuMasipala waseThekwini.
Nakuba lezi zingququko zingakamenyezelwa ngokusemthethweni kodwa sekuyinto ekhulunywayo ezinhlakeni ze-EFF ukuthi kunabaholi abagudluziwe.
Ngisho nasemakhasini e-EFF KwaZulu-Natal asezinkundleni zokuxhumana uNdlovu usebizwa ngonobhala wesifundazwe.
Okhulumela i-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Chris Msibi, uvumile ukuthi kunezinguquko ezenziwe ebuholini kodwa akangafuna ukudalula ukuthi wobani abadliwe yizembe.
UMsibi uthe bazokwenza isimemezelo sezinguquko uma sekwaziswe kahle abaholi beqembu.
"Kusasa (namhlanje) kuzokuba nomhlangano wesigungu esiphezulu kwi-EFF KwaZulu-Natal, lapho khona abaholi bezokwaziswa ngokusemthethweni ngalezi zinguquko. Angikwazi ukukhuluma nani ngalolu daba."
Okhulumela i-EFF kuzwelonke, uMnuz Sinawo Thambo, akazange awuphendule umyalezo awuthunyelwe.
Ubuholi be-EFF KwaZulu-Natal bebuvele buhleli ngesinqa esisodwa kulandela ukungenzi kahle kwaleli qembu esifundazweni ngesikhathi kunokhetho lukazwelonke ngonyaka owedlule.
Emva kokhetho lwangonyaka owedlule i-EFF yasala nezihlalo ezimbili esiShayamthetho saKwaZulu-Natal ekubeni yayikade inezihlalo eziyisishagalombili ngaphambi kokhetho.
Leli qembu liyaqhubeka nokuba inhlekisa ezinkethweni zokuchibiyela esezibe KwaZulu-Natal kusukela kwadlula ukhetho lwanyakenye.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, ukhwele wadilika ebuholini beqembu esifundazweni ngesikhathi ekhuluma emhlanganweni weqembu obungempelasonto.
Abanye abaholi be-EFF KwaZulu-Natal okubalwa kubo usihlalo, uMnuz Mongezi Twala, nephini likasihlalo, uNksz Thobisile Nkosi, abazange bagudluzwe ezikhundleni zabo.
Related Topics: