Izindaba

Bawufuna esitikini uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal

Sabelo Nsele|Published

IZINGQINAMBA ezibhekene noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ziholele ekutheni amalungu esiShayamthetho sesifundazwe afune umhlangano ophuthumayo lapho khona ehlela ukuwupheka ngebhodwe elincane.

Image: Tumi Pakkies Independent Newspapers

IZINGQINAMBA ezibhekene noMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, ziholele ekutheni amalungu esiShayamthetho sesifundazwe afune umhlangano ophuthumayo lapho khona ehlela ukuwupheka ngebhodwe elincane.

Sekubhalelwe obambe njengosihlalo wekomiti loMnyango wezeMfundo esiShayamthetho, uNksz Hlengiwe Mavimbela, bamcela ukuba abize umhlangano wekomiti ophuthumayo lapho khona umnyango uzophendula ngezinselelo eziholele ekutheni wehluleke ukukhokhela ngesikhathi izinkampani eziphakela izikole, othisha bakaGrade R, nokufaka ngesikhathi imali yezikole.

Umnyango uzivika ngapha nangapha izinkinga.

Kuleli sonto ubhekane nolaka lwabanikazi bezinkampani eziphakela izikole abakhala ngokungakhokhelwa.

Abanikazi bezinkampani abebeqhinqe emahhovisi omnyango asezifundeni zaKwaZulu-Natal, bathe sebehlale isikhathi eside bengakhokhelwa. Kwenzeka lokhu nje kusenesililo sothisha bakaGrade R abangazange bakhokhelwe.

Sekwaba insakavukela ukuthi uma kuvulwa izikole lo mnyango ungayifaki ngesikhathi imali yezikole, okugcina kuphoqa othishomkhulu ukuba basebenzise imali yabo ukuthenga izinto ezidingekayo ezikoleni.

Muva nje kusanda kuvela ukuthi umnyango ukweleta uMasipala waseThekwini u-R200 million.

Lesi sikweletu ngesamanzi nogesi. 

Umbiko ngalokhu ushicilelwe iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iThe Mercury.

Umnyango uhlezi ukhala ngokuthi awunaso isabelo esanele ukubhekana nezidingo zawo.

Uma uvele esiShayamthetho umnyango uyaye ukhale ngokuthi ukwehliswa kwesabelomali sawo kwenza kube nzima ukuba ukhokhele zonke izidingo.

Izikhulu zomnyango zake zakuveza esiShayamthetho ukuthi ngabe kade wawa ukube uyinkampani ezimele. Amanye amalungu axwayisa ngokuthi kuyokwenzeka ngelinye ilanga umnyango uhluleke ukukhokhela othisha kodwa umnyango wakuchitha lokhu.

Okhulumela i-DA kwezeMfundo esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnuz Sakhile Mngadi, uthe izingqinamba ezibhekene nomnyango zingase zidale ukuthi kulambe abafundi abangaphezu kuka-2.4 million, abahlomula ohlelweni lokuphakelwa ezikoleni.

"Okubuhlungu ukuthi ezinye izingane zithembele kukho lokudla ezikuthola esikoleni, emakhaya azikutholi ukudla okwanele."

UMngadi uthe bafuna umhlangano wekomiti lapho khona umnyango uzoveza ukuthi ingakanani imali oyikweletayo.

USihlalo we-EFF KwaZulu-Natal, uMnuz Mongezi Twala, uthe ezinye izikole azikaze ziyithole namanje imali yazo.

"Othisha basebenzisa imali ukuze benze isiqiniseko sokuthi izikole aziphazamiseki ekusebenzeni kwazo. Lezi zinkinga ezibhekene nomnyango ziphazamisa ukufunda nokufundisa. Okubi ukuthi izikole ezizophazamiseka kakhulu yilezo ezisemalokishini nezisezindaweni zasemakhaya."

Okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, uthe bafuna ukuthi umnyango uqinisekise ukuthi imali yokukhokhela abaphakela izikole ayizange isetshenziselwe ukukhokhela ezinye izidingo.

"Sifuna ukuthi bakhokhelwe ngokushesha bonke abakweletwa umnyango bese futhi umnyango uqhamuka nolunye uhlelo lokukhokha ukuze kungeke kuphinde kube nenkinga efanayo."

Nezinyunyana zothisha zihlale ziyilwa mihla eyokungafakwa kwemali yezikole.

Izikhulu zomnyango zihlale zithi kudingeka kwandiswe imali yesabelo ukuze zikwazi ukukhokhela ngesikhathi izidingo.