Izindaba

Ezinye izinguquko ebuholini be-MK KwaZulu-Natal

Sabelo Nsele|Published

UMnuz Simphiwe Mpungose ukhuza ibuya kwesomgqugquzeli weMK KwaZulu-Natal

Image: Facebook

I-MK isiphinde yenza ezinye izinguquko ebuholini bayo baKwaZulu-Natal.

Leli qembu eliholwa owayengumengameli we-ANC nezwe uMnuz Jacob Zuma, lenze izinguquko ezikhundleni ezimbili ezimqoka.

Isolezwe libone incwadi ebhalwe uNobhala Jikelele we-MK, uMnuz Floyd Shivambu, ememezela izinguquko.

Kule ncwadi ebhekiswe kumdidiyeli we-MK KwaZulu-Natal, uMnuz Willies Mchunu, kanye nobuholi be-MK esifundazweni kanye nasezifundeni, uShivambu umemezele ukuqokwa komgqugquzeli omusha we-MK KwaZulu-Natal.

UShivambu uthe lesi sikhundla sizothathwa uMnuz Simphiwe Mpungose, obekade ebhekelele ukuhlela ukusebenza kweqembu esifundazweni.

UMpungose akamusha kulesi sikhundla, uke wasibamba ngaphambi kokhetho lwangonyaka owedlule.

Wakhishwa kulesi sikhundla ngoJuni wangonyaka owedlule, i-MK ayizange izidalule izizathu zokumehlisa esikhundleni.

Isikhundla somgqugquzeli we-MK KwaZulu-Natal bese siphethwe uMnuz Sibusiso Xulu, owaqokelwa kulesi sikhundla ngasekupheleni konyaka owedlule.

Encwadini, uShivambu uveze ukuthi uXulu uqokelwe kwesokudidiyela amalungu esigungu esiphezulu kwi-MK ajutshwe esifundazweni iNorthern Cape.

UShivambu uphinde wamemezela ukuqokwa kozobhekelela ukuhlela ukusebenza kweqembu KwaZulu-Natal, okunguMnuz Reggie Ngcobo.

UNgcobo ubekade eyephini lobhekelele ukuhlela ukusebenza kwe-MK esifundazweni.

Ngaphambi kwalokho uNgcobo ubekade ewumgqugquzeli we-MK esifundeni iMoses Mabhida.

UShivambu uthe lezi zinguquko ziyingxenye yamalungiselelo okhetho lohulumeni basekhaya oluzokuba ngonyaka ozayo.

I-MK ihlose ukuhlwitha inqwaba yomasipala baKwaZulu-Natal okhethweni oluzayo njengoba liqhubeka nokwenza kahle ezinkethweni zokuchibiyela eziba esifundazweni.

I-MK isanda kuwina izinketho zokuchibiyela ezintathu zilandelana KwaZulu-Natal, lapho ithathe khona izindawo ebeziphethwe i-ANC neDA koMasipala, owaseThekwini, owaKwaDukuza nowaseMandeni.

UShivambu uthe banethemba lokuthi izinguquko zizokwenza ukuthi i-MK idle amagalane KwaZulu-Natal, okuyisifundazwe i-MK eyathola amavoti amaningi kuso okhethweni lwangonyaka owedlule.

"Lezi zinguquko zenziwe emva kwezingxoxo ezijulile. Umholi weqembu uyavumelana nalezi zinguquko. Inhloso yalezi zinguquko ukuqinisa ubuholi beqembu esifundazweni, siqinisekise ukuthi iqembu liyaqhubeka nokukhula, kanye nokwenza isiqiniseko sokuthi i-MK yenza kahle KwaZulu-Natal okhethweni lwangonyaka ozayo. IKwaZulu-Natal iyona esibukela kuyona."

UShivambu unxuse amalungu e-MK ukuba amukele izinguquko ezenziwe.

"Sinxusa ukuba neseke abaholi abaqokelwe ezikhundleni ezintsha. Asiqhubekeni nokuba imbumba, silwele into eyodwa."

Imizamo yokuthola okhulumela i-MK, uMnuz Nhlamulo Ndhlela, ukuba aqinisekise lezi zinguquko ayizange iphumelele.