Unobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, wethule inkulumo emcimbini wokungcwatshwa kabusha kwamathambo ezishoshovu ze-ANC
Image: Facebook/MY ANC
UNOBHALA Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, usabise ngokuqondisa ubugwegwe abaqhuba umkhankaso wephini likamengameli we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, wokuhola le nhlangano.
UMbalula usole abeseka uMashatile kwesikamengameli ngokuhambela i-ANC phambili njengoba ekhala ngokuthi asikafiki isikhathi sokuba kukhulunywe eyomjaho wezikhundla.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma emcimbini wokungcwatshwa kabusha kwamathambo ezishoshovu ze-ANC ezabulawa uhulumeni wobandlululo.
Amathambo angcwatshwe kabusha ngakaMnuz Benjamini Moloise noMnuz Abraham Mngomezulu.
Zombili lezi zishoshovu zalengiswa, imindeni yazo ibingazi ukuthi amathambo abo alele kuphi.
Amathambo abo adluliselwe ngokusemthethweni emindenini emcimbini obuseSoweto ngempelasonto.
I-ANC izokuba nengqungquthela yokukhetha ubuholi ngo-2027.
UMashatile ungomunye wabantu okulindeleke ukuba angenele umbango wokuhola i-ANC.
UMbalula uthe kukhona abantu asebeqalile ukukhankasela uMashatile, waxwayisa ngokuthi lokhu abakwenzayo kuphambene nemigudu ye-ANC.
"Nihamba nibiza imihlangano, nifaka izikibha ezinombhalo othi uMashatile yithemba lenu lokugcina. Nizwe ngobani ukuthi sesivuliwe isikhathi sokuba sikhulume ngombango wezikhundla?Uma isikhathi sesivuma, i-ANC izovula ithuba lokuba amalungu enhlangano aphakamise amagama abantu afuna bangenele umbango wezikhundla.
"Uma kuwukuthi abantu bayamthanda uMashatile, bazomkhetha. Okwamanje sinaye umengameli, futhi usiphethe kahle. Sonke kufanele sigxile ekulungiseni izinto ezingalungile. I-ANC ayenzanga kahle okhethweni olwedlule, kufanele sizikhathaze ngalokho."
UMbalula uwugxekile umbhalo osezikibheni eziqokwa abaseka uMashatile, wathi lo mbhalo wenza kubukeke sengathi uMashatile ubaluleke ukwedlula i-ANC.
"Simatasa lapha sishumayeza abantu ukuthi abathembe i-ANC ukwedlula abantu, nina ngapha nifaka izikibha ezibhalwe ukuthi uMashatile ithemba lenu lokugcina. Kusho ukuthi uMashatile nimthemba ukwedlula i-ANC?
"Le nto sihlezi siyikhuza, sithi yekani ukulandela abantu ngoba kusasa kuzokusa sebeshintshile. Nizosala ningazi ukuthi kufanele nenzenjani. Abantu bayashintsha kodwa i-ANC iyohlezi ikhona."
UMbalula uthe uzobathathela izinyathelo zokuqondiswa abalandeli bakaMashatile uma beqhubeka nomkhankaso.
"Lokhu enikwenzayo kuphambene nemigomo ye-ANC. Kusho bani ukuthi uMashatile akathandwa."
UMbalula ukhuluma kanjena nje ezinkundleni zokuxhumana kusanda kusabalala izikibha ezinobuso bakhe.
Lezi zikibha zihambisana nombhalo othi uyena ofanelwe isikhundla sokuhola i-ANC.
UMbalula washeshe wayihlaba wayihlikiza eyokusabalala kwalezi zikibha, wathi akahlangene nazo.
Umbango wokuhola i-ANC kulindeleke ukuthi ushise phansi.
Related Topics: