Izindaba

Kukhalwa ngamacala okudlwengulwa kwabesilisa eMlalazi

Nokubongwa Phenyane|Published

IMEYA yaseMlalazi ithi nakanjani kumele bazisukumele izigameko zokudlwengulwa kwabesilisa nabesifazane ezilokhu zanda emiphakathini engaphansi komkhandlu.

UNkk Queen Xulu ukusho lokhu ngesikhathi ethula isabelo sentuthuko esididiyelwe sika-2024/2025, eDlangubo, eShowe.

Kulo mhlangano obemele amaphoyisa, uSergeant Dumisani Ntuli, unxuse umphakathi ukuthi ake uzisukumele izigameko ezithe chithi saka zokudlwengulwa kwabesifazane nabesilisa.

Uthe eMlalazi la macala athe chithi saka njengoba bewathola ngaso sonke isikhathi.

“Njengamaphoyisa iyasikhathaza lena yokwanda kwamacala angaka abantu abadlwengulwayo. Ngithanda ukukhuthaza amadoda ukuthi angesabi ukuzobika amacala njengoba nawo emaningi. Okunye esithanda ukuqwashisa emphakathini ngakho ukuthi akuyekwe ukufunwa kwemali kosomabhizinisi abasuke belethe intuthuko. La macala nawo ayanda futhi aphoqa ukuthi izinto zime emphakathini, zingaqhubeki,” kuchaza yena.

UNkk Xulu uveze ukuthi kuyabakhathaza okuvezwe amaphoyisa futhi bazonxusa ukuthi umphakathi uzibike izigameko.

"Ngigxeka kakhulu uphuzo oludakayo ukuthi lunesandla ekwandeni kwalezi zigameko. Abantu besifazane nabesilisa okumele bakwenze ukuthi bayeke ukuhlala emajoyintini kuze kuse ekuseni ngoba ila ngikholelwa khona ukuthi izigamejko zenzeka khona, kanjalo nezokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane kudalwa uphuzo oludakayo," kuchaza yena

Uthe okunye okubakhathazayo yizigameko zomlilo ezakhipha izidumbu kanjalo nemvula eshiywe kukhalwa ngonyaka odlule nakulo nyaka.

UNKK Queen Xulu oyiMeya yaseMlalazi oveze izinkinga ababhekene nazo emiphakathini abayibhekile nathi imvula nemililo yikhona okubakhahlameze kakhulu muva nje

Image: Sithunyelwe

"Uyabona ngoba sekuqala ubusika, abantu sebezoqala imililo ngonyaka odlule eyasishiya sibhekene nenhlekelele. Engikwaziyo ukuthi le mililo esaba nayo yaqalwa umuntu okuyinto okumele siyibheke kulo nyaka. Angifisi ukuthi kube khona isimo esabhekana naso ngoba saba esibi futhi esibuhlungu. Angeke ngigcine lapho, ngizophinde ngikhulume ngezinhlekelele zemvula ezingajwayelekile, ezikhona kule minyaka. Kusebusika manje kodwa imvula ina ngendlela engajwayelekile. Izigameko zokumuka kwabantu nazo zisihlasele kakhulu ngoba emasontweni adlule, kumuke ingane lapha emfuleni Imfolozi, okuthe kusabhekwa yona kwatholakala izidumbu ezine ezingaziwa ukuthi ngezakuphi,” kuchaza yena.

Ukugcizelele ukuthi amabhuloho bona njengomasipala kabawakhi kodwa umsebenzi woMnyango wezokuThutha esifundazweni.

Uveze ukuthi isabelomali akade benaso ngonyaka odlule, bayaziqhenya ukuthi basisebenzise kahle ngoba kukhona imigwaqo abayilungisile, amahholo omphakathi kwaphinde kwakhiwa nezindlu zomxhaso emawadini ahlukene.

Kulo mcimbi imeya ibe isinikela ngezingubo zokulala kwizaguga ezingu-50, yaphinde yanikela ngezinsiza ezinkulisa zendawo.

UNkk Shongani Zungu (65), onenkulisa uSizolwethu, uthe wayiqala ngoba efuna ukusiza abesifazane abasebenzayo abaswele abantu ababagadela izingane.

Uthi ubeludinga usizo lwezinto zokulalisa izingane nezitulo ezizohlala kuzo.