Izindaba

Kuqhume iqupha engqungqutheleni ye-ANCYL eZululand

Sabelo Nsele|Published

UNOBHALA we-ANCYL KwaZulu-Natal, uNksz Lulama Mabude, uthe ibingekho emthethweni ingqungquthela okuqhume kuyo iqupha

Image: Facebook

KUQHUME isibhakela esiqhwiza umentshisi kumuhluzana amalungu e-ANC Youth League (ANCYL) abehambele ingqungquthela yokukhetha ubuholi beqembu esifundeni iMzala Nxumalo.

Ingqungquthela yokukhetha ubuholi obekuhlelwe ukuthi ibe ngempelasonto oPhongolo, igcine ibhuntsha emva kokuba kutholane phezulu izinhlangothi ezimbili ebezibanga izikhundla.

Ubuholi be-ANCYL KwaZulu-Natal buziqhelisile nale ngqungquthela, bathi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi ihlelwa.

Ngokuthola kweSolezwe ubuholi be-ANCYL KwaZulu-Natal, bebuvele bungahambisani nokuthi ingqungquthela ibe kule mpelasonto.

Isolezwe libone incwadi ebhalwe wubuholi be-ANCYL esifundazweni, ebhekiswe kunobhala jikelele we-ANCYL, uMnuz Mntuwoxolo Ngudle, lapho ubuholi besifundazwe bebukhala ngokungalandelwa kwemigomo ngesikhathi kuhlelwa ingqungquthela.

Kule ncwadi ubuholi besifundazwe bukhale ngokuba nhlakanhlaka kwethimba lesikhashana elihola i-ANCYL esifundeni iMzala Nxumalo.

"Njengamanje kunohlangothi oluhamba nomdidiyeli wethimba, kube nohlangothi oluhamba nomgqugquzeli wethimba. Zombili lezi zinhlangothi zihlela ukuba nezingqungquthela zokukhetha ubuholi. Asazi ukuthi iyona yiphi ingqungquthela okuzothiwa isemthethweni."

Kuma video asabalale ezinkundleni zokuxhumana, kubonakala amalungu efinyisana igazi, aze agxobane nangezinyawo.Kwenye ivideo kubonakala abesilisa beshova iqupha, badudulana beze beyowisana phansi.

Kwamanye ama video kubonakala ezinye izithunywa zivinjwa esangweni, zizama ukungena.

Unobhala we-ANCYL KwaZulu-Natal, uNksz Lulama Mabude, uthe ibingekho emthethweni le ngqungquthela.Uthe ubuholi be-ANCYL eMzala Nxumalo, bahlakazwa ngenxa yakho ukungaboni ngaso linye.

Ngokwakhe umuntu obehlela ingqungquthela akanalo ilungelo njengoba ethe iminyaka ayisamvumeli ukuthi abe yilungu le-ANCYL.

"Kuyishwa ukuthi umuntu ongaselona ilungu le-ANCYL ukhethe ukuhlela ingqungquthela mbumbulu ye-ANCYL. Lesi sinqumo esiwubudedengu asigcinanga nje ngokudelela ubuholi be-ANCYL, kodwa siphinde sabeka engozini abantu abasha. Iqiniso wukuthi ihhovisi likanobhala yilona kuphela elinelungelo lokumemezela ukuhlala kwezingqungquthela zokukhetha ubuholi."

UNksz Mabude uthe bazothathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe labo okuzothalakala ukuthi baphula imigomo yenhlangano.

"Ngeke sibabekezelele abantu abasebenzisa igama le-ANCYL ukuze kuzuze bona kuphela. I-ANCYL yinhlangano ehloniphekile."

Kube nezinxushunxushu nakwezinye izingqungquthela zokukhetha ubuholi be-ANCYL ebeziKwaZulu-Natal ngempelasonto. Kube nokuhilizisana ezingqungqutheleni zokukhetha ubuholi be-ANCYL ezifundeni iHarry Gwala neNkosi Bhambatha, kubangwa ukungalandelwa kwemigomo.

Zombili lezi zingqungquthela zigcine ziqhubekile, kwakhethwa ubuholi obusha.