Izindaba

Bashaya amakhala abe-ANC ngemizamo yokusocongwa kukaMashatile

Sabelo Nsele|Published

IPHINI likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile, liqinisekise ukuthi kwahlaselwa imoto yalo

Image: Itumeleng English/ Independent Newspapers

BAYATHIMULA abaholi be-ANC abaqavile uma bebuzwa ngemibiko ethi iPhini likaMengameli, uMnuz Paul Mashatile, lisinde lisocongwa.

UNobhala Jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, uMgcinimafa we-ANC, uDkt Gwen Ramokgopa, noSihlalo wenhlangano esifundazweni iNorthern Cape, uDkt Zamani Saul, bonke bakhombise ukuyingabaza eyokuthi kukhona abantu abebezama ukuqeda ngoMashatile.

Ngokusho kwakhe uMashatile, wahlaselwa ebuya emhlanganweni wesigungu esiphezulu kwi-ANC ngenyanga edlule, eBoksburg, eGauteng.

UMashitile uthe waqale wacabanga ukuthi imoto ayehamba ngayo ishaywe ngamatshe kodwa babuye babona kamuva ukuthi inezimbobo zezinhlamvu.

UDkt Ramokgopa uthe isikhathi esiningi abaholi basuke behubhuza amanga uma bethi kunetulo lokubasoconga. Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abebehambele ingqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eNorthern Cape.

UDkt Ramokgopa uthe udaba seludluliselwe ehhovisi likaMbalula.

"Kahle-kahle lolu udaba okufanele luphenywe amaphoyisa. Lena akusiyo into encane futhi siyayisukumela. Sifuna ukuthola konke okwenzeka."

UMashatile kubhekwe ukuthi angenele umbango wesikhundla sikamengameli wenhlangano engqungqutheleni ezokuba ngo-2027.

UDkt Ramokgopa ukuchithile ukuba kungenzeka ukuthi ukuhlaselwa kukaMashatile kuhlobene nomjaho wezikhundla.

"Ayikho into engangenza ukuba ngikholwe ukuthi le nto ihlangene nomjaho wezikhundla."

USaul, naye obekhuluma engqungqutheleni efanayo, ubuze ukuthi ubani obengafuna ukusoconga uMashatile?

"Ubani umuntu osile kahle ekhanda ongafuna ukubulala iphini likamengameli wenhlangano eyathola u-40% okhethweni olwedlule? Iphini likamengameli we-ANC kalizange lisocongwe ngesikhathi inhlangano isathola u-70% okhethweni. Kungani kufanele siyikholwe le nto?"

UMbalula, obekhuluma nabezindaba eGoli, uthe abaphikisani nokushiwo uDkt Ramokgopa kokuthi kungenzeka ukuthi akusilona iqiniso ukuthi uMashatile uhlaseliwe.

UMbalula uthe bebengakawutholi umbiko ogcwele kuMashatile ngalolu daba.

"Sikhathazekile ngale mibiko esiyibonayo. Akucaci kahle ukuthi ngabe leli kwakuyitulo lokusoconga noma wayehlaselwa. Sizokwazi ukuphawula kahle uma sesithole umbiko ogcwele."

UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, ukuqinisekisile ukuthi baphenya ngokudutshulwa kwemoto eyayihamba uMashatile.

UMasemola uthe uphenyo lwabo luyaqhubeka.

"Emva kwesigameko kwaqokwa ithimba elisezingeni eliphezulu ukuba liphenye. Umbiko wokuhlolwa lapho kwangena khona izinhlamvui usubuyile."

UMasemola uqinisekise ukuthi uMashitile uphephile.

"Bonke abaholi abanezikhundla kuhulumeni siyaye sibahlinzeke ngabaqaphi abanele."