Izindaba

Lugobile uphondo kuGodongwana ngokunyuswa kwentela

Sabelo Nsele|Published

Lugobile uphondo kungqongqoshe wezezimali uMnuz Enoch Godongwana.

Image: Independent Newspapers

UGCINE ehlela ngezansi uNgqongqoshe wezeZimali, uMnuz Enoch Godongwana, obephakamisa ukuba kunyuswe intela ngo-0.5%.

Ihhovisi likaGodongwana liveze ukuthi ngeke isanyuka intela ngoMeyi 1.UGodongwana uzokwenza isiphakamiso sokuba intela iqhubeka nokuhlala ku-15%.Amaqembu ezepolitiki amakhulu okubalwa kuwo iDA, MK ne-EFF abengafuni nokuyizwa eyokunyuswa kwentela.

Ngesikhathi kuvotelwa isigaba sokuqala sokuphasiswa kwesabelomali angu-194 amalungu ePhalamende avotela ukuba siphasiswe, kwathi angu-182 avotela ukuba sichithwe.