Izindaba

Uqhekeko kuSweet Guluva no-Ashley

Charles Khuzwayo|Published

KUKHONA okushaya amanzi ebudlelwaneni bezithandani ebezingamathe nolimu kwiBig Brother Mzansi, u-Akhonamathemba "Sweet Guluva" Mbhele waseNquthu no-Ashley Ogle waseNewlands East.

SWEET GULUVA

Image: X

Ashley Ogle

Image: Instagram / Ashley Ogle

Kunezimpawu ezikhombisa ukuthi sekunomfantu othandweni lwabo. Okuqale kwashayisa amakhala ukungalandelani kwabo ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulukazi ku-Instagram.

Okwesibili; kube ukushaywa ngesithende komcimbi wokwamukelwa kukaSweet Guluva ngakubo eNquthu ngu-Ashley. Ebuzwa u-Ashley ukuthi uyaya yini emcimbini kaSweet Guluva ulibeke ngembaba elokuthi akalibeki olwakhe unyawo khona.

"Ngenxa yothando nenhlonipho, ngeke ngiphumelele emcimbini ngoba ithuba lakhe lokuthi agqame."

Eqhuba, u-Ashley uthe akafuni abantu besusa amehlo kuSweet Guluva agcine esegxile kuyena 

Ebuzwa ngabalandeli bakhe kwiTik Tok Live ukuthi ukuphi u-Ashley, uSweet Guluva uthe ukhona kodwa akekho naye. "Ukhona empilweni yami. Ungazikhathazi kakhulu," kuchaza uSweet Guluva.

No-Ashley kwi-Engineer Your Life, uthe basathathe isinqumo sokuthandana ngasese ukuze bagxile kahle ekukhuliseni amagama abo.

U-Ashley noSweet Guluva bebengave bethandana besekulolu hlelo kangangoba uSweet Guluva wakhala mi izinyembezi ngesikhathi sekukhishwe u-Ashley.

Kanjalo no-Ashley ubambe elikhulu iqhaza empumelelweni kaSweet Guluva njengoba kugcine kunguye odle umhlanganiso futhi wemuka nesamba sika-R2 million. U-Ashley uyena obehla enyuka egqugquzela abantu ukuba bavote ngobuningi.

IGuluva Homecoming iseNquthu Stadium kusukela ngo-10 ekuseni. Kumaciko aboshelwe kulo mcimbi, kubalwa umsakazi weJozi FM, uPenny Ntuli nabaculi bakamaskandi uFalabo, Mthandeni SK, Guzasta, Imfezemnyama nabanye. Izithameli zizobe zingena mahhala.