Izindaba

UCici usevuthwe ngempela emculweni

Charles Khuzwayo|Updated

ISIHLOKO: Busisiwe 2.0

UMCULI: Cici

UHLOBO: Afro soul/Pop/House

UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO

CICI

Image: FACEBOOK

UBUSISIWE Thwala yintokazi engumculi nomlingisi edabuka eMnambithi. Sekungumlando ukuthi ikhono layo lavumbululwa yinkosi yekwaito u-Arthur Mafokate isazibiza ngoBeekay. UCici (38) wazakhela kakhulu udumo ngomucu awukhipha ngo-2015 owawuthi Runaway ngawo wahlabana ngemiklomelo emibili kumaMetro FM Music Awards ngo-2016.

Le-albhamu yelama ayikhipha ngo-2021 eyayithi Sukulila. Empeleni waqala ngethi Busisiwe ngaphansi kwe-Ambitiouz Entertainment ngo-2017  njengoba eyesibili eseyibiza ngoBusisiwe 2.0. Leli cwecwe alikhiphe muva nje liqukethe izingoma ezingu-14.

Engikuqaphelile wukuthi lithakwe ngezinhlobonhlobo zomculo futhi eziningi ezokholo. Kuzona kukhona ayenze noNaledi Aphiwe ethi Amen, ayenze noZuko SA ethi Ngizofakaza nethi Buya. Iqala nge-intro evusa umunyu njengale ethi Amen. Ngaphandle kukaZuko SA noNaledi Aphiwe, uCici ubuye wapika uBoyPee, Hyce noMimi Mars. Ezinye izingoma ezimnandi kule-albhamu ngezithi Inkululeko, Falling For You, Imoto, Shona Malanga, Impumelelo, Nguwe nethi Awuyindawo.

Uyezwakala uCici ukuthi usevuthiwe emculweni nezwi lakhe livuthiwe. Yisibhakabhaka kuphela esesingavimba ikhono lakhe.