Izindaba

Ngeke lehle ilobolo uma kusahlukunyezwa abesifazane - iSilo

Sabelo Nsele|Published

ISilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini

Image: Facebook/ INdlunkulu kaZulu

ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sithi ngeke lehliswe ilobolo kungakapheli ngesihlava sokubulawa kwabesifazane.

IMbube ithe ukudla lubi kwesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane kwenza ukuthi kube nzima ukuthi izwe isililo samadoda akhala ngokuthi ilobolo liyabiza.

Ikusho lokhu ngesikhathi ikhuluma emkhulekweni wamaNazaretha aseBuhleni.

Umkhuleko ubusesigodlweni eNyokeni, ngempelasonto.

AMANAZARETHA ethamele inkonzo eNyokeni, KwaNongoma, ngoMgqibelo

Image: SITHUNYELWE

ISilo nomholi wamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, Inkosi Mduduzi "Nyazilwezulu" Shembe, bagxeke isihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane.

IMbube ithe isihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane sidla lubi kwelikaMthaniya.

INdlulamithi yamakhosi ithe ukuhlukunyezwa kwabesifazane kuyifikisela ngamahloni okuthi ihola isizwe esihlukumeza abesifazane.

"Ukuhlukunyezwa komama nezingane kusezingeni eliphezulu kakhulu kulezi zinsuku. Bese kuthi into eyihlazo kakhulu kube wukuthi lesi sihlava sokuhlukunyezwa komama nezingane, niyazi ukuthi silapha kwaZulu ukwedlula iNingizimu Afrika yonke? Sila phakathi kwethu, yihlazo. Sengize ngiyesaba ukuthi kanti ngiyiNgonyama enjani ephethe abantu abashaya abafazi. Mina ngazi ukuthi thina singamaqhawe, alwa izimpi."

ISILO uMisuzulu kaZwelithini besifakana umlomo noMfu Thulasizwe Buthelezi onguMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu enkonzweni yamaNazaretha eNyokeni, KwaNongoma, ngoMgqibelo

Image: SITHUNYELE

ISilo sithe izinga eliphezulu lokuhlukunyezwa kwabesifazane lenza kube nzima ukuthi sicabange eyokwehlisa ilobolo.

"Kuningi esifuna ukunilungisela khona ukuze sibe ysizwe esinekusasa eliqhakazile. Kubuhlungu kimi ukuthi ontanga yethu bayakhala bathi ilobolo liphezulu kakhulu, bafuna ukuganwa. Sifuna ukuxoxisana ngalokho kodwa manje sizonidedela kanjani ukuthi nithathe lezi zingane niyohlala nazo kanti nifuna ukuzihlukumeza? Bese nijika futhi nikhala ngami nithi ukube iNgonyama ayizange ilehlise ilobolo ngabe lesi sigebengu asizange singithole. Kubuhlungu kimi ukubusa isizwe sontanga yethu abangaganiwe. Siyoba yisizwe esinjani kusasa? Siyalimala."

UMPHATHISWA wokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi, ethamele inkonzo yamaNazaretha eNyokeni, KwaNongoma, ngoMgqibelo

Image: SITHUNYELWE

ISilo sithe sizoqhamuka nezinhlelo zokwakha amadoda.

UNyazi luthe abahlukumeza abesifazane abasiwona amadoda angempela, bangabantu nje besilisa ngegama.

UNyazi lunxuse amadoda ukuba ayeke ukuhlukumeza abantu besifazane.

"Inkosikazi noma intombi yakho, uma uthola ukuthi ifebile, uboyishiya. Angithi wena usuyificile ifebile, iyeke. Ubona ukuthi izokuyeka yini (ukufeba)? Ungayibulali. Uma umuntu umfica esephutheni, ubobonga."

UNyazi luphinde lwakhuza ukucwila kwentsha ophuzweni oludakayo.

IMbube noNyazi baphinde babusisa isakhiwo semicimbi esiseNyokeni.

Lesi sakhiwo sezigidi zamaRandi sasakhelwe ukuba sisetshenziswe uma kunoMkhosi woMhlanga kepha umkhosi usuthuthelwe esigodlweni esisha, eMashobeni.

Okhulumela iSilo, uMntwana uThulani kaGqikazi Zulu, uthe lesi sakhiwo ngeke simile imbuya, wathi sizosingatha imicimbi ehlukene.

Kulindeleke ukuthi iMbube ingene emgonqweni emva kwenkonzo njengoba isizoqala amalungiselelo oMkhosi wokweShwama.

ISILO uMisuzulu kaZwelithini noMphathiswa wokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu, uMfu Thulasizwe Buthelezi bephahle umholi wamaNazaretha Inkosi Mduduzi 'Unyazi' Shembe eNyokeni, KwaNongoma, ngoMgqibelo

Image: SITHUNYELWE