Julius Mkhwanaz
Image: Oupa Mokoena/Independent Newspapers
SIPHEKWE ngebhodwe elincane saze savuma izono zaso isikhulu samaphoyisa akuMasipala waseKurhuleni esimisiwe, uBrigadier Julius Mkhwanazi, esisolwa ngokuba sephaketheni likasomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala.
UMkhwanazi uvumile ukuthi washelelela ngesikhathi esayina isivumelwano sokusebenzisana nenkampani kaMatlala esenza ukuthi izimoto zikaMatlala zifakwe amalambu aluhlaza.
UMkhwanazi uthe ukufakwa kwezimoto zikaMatlala amalambu aluhlaza kuphambene nomthetho.
Ukusho lokhu ngesikhathi evele phambi kwekhomishini eholwa yiJaji Mbuyiseli Madlanga.
UMkhwanazi wasayina isivumelwano sokuba umkhandlu usebenzisane nezinkampani ezimbili zikaMatlala, iCat VIP Protection neMedicare24.
Njengengxenye yesivumelwano izimoto zeCAT VIP Protection zazizofakwa amalambu aluhlaza bese kuthi ezeMedicare24 zona zifakwa amalambu abomvu afakwa izimoto ezihlinzeka ngosizo lwezempilo.
UMkhwanazi uthe akazange alibone iphutha lakhe ngesikhathi esayina isivumelwano.
"Lixhoshwa libhekile. Ngesikhathi ngisayina angizange ngilibone iphutha kodwa emva kokubona izikhalo zabantu nami ngalibona iphutha lami. Umthetho awuyivumi le nto."
Izikhulu eziphethe uMkhwanazi azizange zisisayine isivumelwano sokusebenzisana nezinkampani zikaMatlala.
UMkhwanazi uthe ngenxa yokuthi yena wayengenalo izwi lokugcina wayenethemba lokuthi labo abamphethe bazokusho uma kukhona okuphambene nomthetho.
"Njengoba ngangisayinile isivumelwano, ukuze isivumelwano sibe semthethweni kwakufanele kusayine abanye ababili abaphathi abangaphezu kwami. Le nto yayisaxoxwa, ngakho nganginethemba uma kukhona okuphambene nomthetho babezokusho."
UMkhwanazi uthe akusiyena owafaka amalambu aluhlaza ezimotweni zikaMatlala.
"Angikaze ngizibone nokuzibona lezo zimoto."
UMkhwanazi uthe isivumelwano sokusebenzisana nenkampani kaMatlala sasizohlomulisa umkhandlu.
UMkhwanazi uthe inkampani kaMatlala yayizonikela ngezimoto ezazizosetshenziswa uphiko lwamaphoyisa.
UMkhwanazi uthe iMedicare24 yayizophinde ihlinzeke usizo lwezempilo emaphoyiseni omkhandlu.
"Sasingenawo ama-ambulensi emkhandlwini. Amaphoyisa ayalimala emsebenzini, ahlale isikhathi eside elinde usizo lwezempilo. Kwakuzokwelekelela kakhulu ukuthi sisebenzisane neMedicare24."
UMkhwanazi uthe izinkampani zikaMatlala zazingezukuzuza lutho ngokwelekelela umkhandlu.
"Bona into nje ababeyifuna ukuzikhangisa ebantwini."
UMkhwanazi uthe waqala ukwazana noMatlala ngesikhathi sobhubhane i-corona ngo-2020.
UMkhwanazi ubebonakala ukuthi uthukile ngesikhathi evele phambi kwekhomishini.
Ujuluke wamanzi ngesikhathi ephekwa ngemibuzo, elokhu ephuza amanzi.
UMkhwanazi ubelokhu ecela ukunikwa ikhefu ukuze ezokuya endlini encane.
Kuke kwaba khona isikhathi lapho khona uMkhwanazi ephakamelwe umoya, wasola owayeyisikhulu samaphoyisa kuMasipala waseKurhuleni, uMnuz Revo Spies, ngokuqamba amanga.
USpies wenza izinsolo ezishaqisayo ngoMkhwanazi ngesikhathi evele phambi kwekhomishini.
Namhlanje ikhomishini izoqhubeka nokulalela ubufakazi bukaNgqongqoshe wezamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo Mchunu.
UMchunu uqale ukwethula ubufakazi ngoLwesibili, kulindeleke ukuthi aqhubeke nakusasa.
Related Topics: