Izindaba

Ubuholi be-ANC eKZN engcupheni yokuphuthelwa yiNGC

Sabelo Nsele|Published

UMNUZ Mike Mabuyakhulu ekhuluma emhlanganweni we-ANC KwaZulu-Natal obungempelasonto

Image: SITHUNYELWE

ITHIMBA lesikhashana elihola i-ANC KwaZulu-Natal lisengcupheni yokuphuthelwa yingqungquthela ebhekwe ngamehlo abomvu, iNational General Council (NGC), ezokuba ngesonto elizayo.

UNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, utshele ithimba lesikhashana elihola i-ANC esifundazweni ukuthi lizoyizwa ngendaba ingqungquthela uma lihluleka ukulandela imiyalelo yakhe.

Lokhu ukusho encwadini ayibhalele umgqugquzeli wethimba lesikhashana, uMnuz Mike Mabuyakhulu.

Kule ncwadi ebonwe yiSolezwe uMbalula uyalela ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal ukuba buqale phansi umhlangano wokulungiselela iNGC, buphinde buqale phansi nohlelo lokuqoka izithunywa ezizoba yingxenye yeNGC ezoba seGoli.

Umhlangano wobuholi baKwaZulu-Natal wokulungiselela iNGC, iProvincial General Council (PGC), ubuseThekwini, ngoMgqibelo.

Kube nezikhalo kwamanye amalungu amagatsha ekhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuqokwa izithunywa ebezihambele umhlangano wangoMgqibelo.

UMbalula uyalele ubuholi besifundazwe ukuba buqale phansi uhlelo lokukhetha izithunywa.

"Ngiyazi ukuthi kunamagatsha ahluleka ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wokuthi abe nemihlangano yokukhetha izithunywa. Nginilulele isikhathi sokuba nibe nemihlangano yokuqoka izithunywa kulawo magatsha abengakabi nemihlangano."

UNOBHALA jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula

Image: Facebook / MyANC

UMbalula ubekele ubuholi baKwaZulu-Natal umnqamulajuqu wakusasa ukuba bube nomhlangano wokulungiselela iNGC.

Udonse ngendlele ubuholi besifundazwe ukuba benze isiqiniseko sokuthi umhlangano uzohanjelwa yizithunywa ezikhethwe ngendlela esemthethweni.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Fanle Sibisi, uthe bayitholile incwadi kaMbalula.

USibisi akazange afune ukuphumela obala ngesikhathi ebuzwa ukuthi bazohlangabezana yini nomnqamulajuqu kaMbalula.

"Uma uyifunda kahle incwadi uzobona ukuthi ikhipha imiyalelo ecacile, akukho ukudideka lapha, kunemiyalelo okuchazwayo ukuthi kufanele ilandelwe."

Isolezwe lithole ukuthi ubuholi besifundazwe buqale khona izolo ukuzama ukuhlela imihlangano yamagatsha.

Khonamanjalo, i-ANC iphinde yalulela ubuholi baKwaZulu-Natal isikhathi sokusebenza.

Isikhathi sobuholi obukhona saphela ngenyanga edlule.

Ubuholi besikhashana baqokwa ngasekuqaleni konyaka kulandela ukuhlakazwa kobuholi besifundazwe.

Lobu buholi babunikezwe izinyanga eziyisishiyagalolunye ukuba buhlele izingqungquthela zokukhetha ubuholi besifundazwe nobezifunda.

Azizange zibe khona izingqungquthela obekufanele zibe ngenyanga edlule.

Umhlangano wesigungu esiphezulu kwi-ANC uthathe isinqumo sokululela ubuholi obukhona ngezinyanga ezintathu.

Kulezi zinyanga ezintathu kubhekwe ukuthi kube nezingqungquthela zokukhetha ubuholi.